
Indoda idubule umkayo wafa endaweni yokucima ukoma e-Westville
LISHONE elayizolo [ngoMsombuluko] isiboshiwe indoda eneminyaka engamashumi ayisithupha nantathu (63) edubule umkayo oneminyaka engamashumi amane nesishiyagalombili (48) endaweni yokucima ukoma i-Waxy O’Connors, e-Westville eThekwini.
Abebekhona kule ndawo kwenzeka lesigameko bathi ngabo-13:38 ntambama umsolwa uxabane nomkakhe emuva kokubonakala efika naye, bathenga iziphuzo bahlala phansi baphuza. Emuva kwalokho kube sekusuka ingxabano phakathi kwabo. Owesilisa ukhiphe isibhamu wadubula kabili ebhekise kulona wesifazane wafela khona lapho.
Abanikazi bendawo i-Waxy O’Connors babize inkampani yonogada yakwa-dRK Tactical Response Unit ethumele ngokushesha onogada bayo.
“Ifikile imoto yonogada kwaphenywa kwabesebebaleka ukuthi kwenzakalani. Kube sekufika enye imoto ebihamba umphathi wayo lenkampane bathola owesifazane obenamanxeba okudutshulwa elele edanyini legazi. Bathe mabemhlola bathola ukuthi kasaphili”, kusho abanikazi bendawo.
Umsolwa uzinikele konogada bambopha.
“Kutholakale ukuthi ingxabano eqale iyinto engatheni phakathi kowesilisa nowesifazane igcine iholele ekutheni owesilisa akhiphe isibhamu adubule lona wesifazane okuvele kamuva ukuthi ngumkakhe.
“Amaphoyisa ase-Westville afikile nawo, onogada be-dRK Tactical Response Unit base beshiyela kuwo indawo ukuze aqhubeke nophenyo”, kusho abanikazi bendawo.
Okwamanje akukaziwa ukuthi yini ebibangwa, kodwa kusolwa ukuthi izinkinga zasekhaya .
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natali, u-Colonel Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukuthi owesilisa oneminyaka engu-63 uboshiwe emuva kokudubula umkakhe wafa.
“Amaphoyisa ase-Westville abophe indoda eneminyaka engu-63 ngecala lokubulala umkayo ona-48 endaweni yokucima ukoma ku-Jan Hofmeyer Road e-Westville ngoMsombuluko ntambama.
“Kubikwa ukuthi lezithandani bezikade ziphuza ngesikhathi kuqubuka ingxabano phakathi kwazo. Umsolwa ukhiphe isibhamu wadubula umkakhe oshone ujuqu endaweni yesigameko”, kusho uNetsiunda.
