EZISEMATHENIIzindaba

Amaphoyisa aqothe (2) wezigebengu eziyingozi eMargate

KUSALE othulini abasolwa ababili (2) abebedubulana namaphoyisa endaweni yase-Uvongo, eMargate enyakatho yesifundazwe KwaZulu-Natali.

Ngokombiko esinawo amaphoyisa abekade elandela umkhondo ngabasolwa ebekubikwa ukuthi baphethe izibhamu ezingekho emthethweni, okuthe uma efika endlini abebekuyo bavulela ngenhlamvu bebhekise kuwo okuholele ekudutshulweni kufe ababili.

Kulesigameko kutholakale izibhamu ezimbili ezinkulu ezingama-AK47 kanye nama-pistol amathathu (3). Ngenhlanhla alikho iphoyisa elilimele.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com