ISINTU

Akuthengwa muntu ngelobolo kodwa kuhlanganiswa imindeni

ILOBOLO isiko lesintu eliyingqikithi yomshado wesiZulu, lapho umndeni wakwamakoti wamukela izinkomo noma imali evela emndenini wakwamkhwenyana njengophawu lokubonga, ukuhlanganisa imindeni, nokubophezela ubuhlobo. Akukona ukuthengwa kowesifazane, kodwa kungukuqinisa isivumelwano kanye nenhlonipho phakathi kwemindeni.

OKUYIKHONA NGELOBOLO UKUHLANGANISA IMINDENI:

•Injongo enkulu wukuba imindeni emibili yazisane ibe munye. Kwakhiwa isibopho sesikhathi eside. Uma kuba nengxabano kwabathandanayo umndeni uyafakwa ube ingxenye yesixazululo.

•Inhlonipho nokusungula ubuhlobo. Lokhu kukhomba ukuthi indoda iyayazisa intombi kanye nomndeni wayo. Uphawu oluyisiqinisekiso ukuthi umkhwenyana uzokwazi ukunakekela intombi ezoba umakoti wakhe futhi ayondle ingabulawa indlala.

•Isiqinisekiso somshado. Lokhu kuqinisekisa ukuthi umshado wamukelekile ngokwesintu. Uma singekho isivumelwano ezingxoxweni zamalobolo awukho umshado oba khona.

IZINTO EZIBALULEKILE:

Izinkomo/Imali: Ngokwesintu, kusetshenziswa izinkomo, kodwa kulezi zikhathi zamanje, kuvame ukusetshenziswa imali njengokulinganisa izinkomo.

Ukucela Isihlobo: Lokhu kwenza ukuba umuntu wesifazane akhishwe ekhaya ngokusemthethweni.

Kuyiphutha ukubona ilobolo njengokuthenga, kodwa kufanele kubonwe njengengxenye ebalulekile yokwakha umndeni oqinile ngokwesintu.

Uma intombi isilotsholiwe kuyashintsha ibizwe ngengoduso, kuthi ima isishadile ibizwe ngomakoti.

ZIBA KUPHI IZINGXOXO ZAMALOBOLO:

Uma kuzoxoxwa ngelobolo, abakhwenyane bafika ekuseni kakhulu bamemeze abalaphekhaya ngezihasho zabo beze bebavulele. Emuva kwalokho kwenziwa izimfanelo ezifunwa abakwamakoti bese befakwa endlini eqokwe abakwamakoti. Abanye baye benze kube indlu yangenhla, okuhlangana kuyo umndeni.

*Ngokuzayo sizongena sigxile ukuthi kwenziwani uma kulotsholwa nokuthi yini elindeleke kwabazolobola

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com