EZEMISAKAZOEzosaziwayoImibono

Liphumile iqhina embizeni ngokwahambisa uSelbyonce Okhozini

NAMANJE abalaleli boKhozi FM basayixoxa indaba ka-Selby ‘Selbyonce’ Mkhize yokulaxaza isigubhukane lomsakazo ajoyine omunye osakazela e-Cornubia, iGagasi FM.

U-Selbyonce ushiye Ukhozi FM enza noKhathide ‘Tshathugodo’ Ngobe uhlelo oluthi Woza Nabangani Bakho obelungena ngehora lesithathu (15:00) ntambama luphele ngelesithupha (18:00) kusihlwa. NakwiGagasi FM ungena ngesikhathi esifanayo nohlelo oluthi Fastlane, alwenza no-DJ SPHEctacular no DJ Naves.

UMKHAYA uthole ezikweni Izindaba Zikabhoqo ukuthi uSbo Mdunge ongumsakazi weNanda FM uhlube udlubu ekhasini lakhe ezinkundleni zokuxhumana ecacisela abantu ukuthi kungani u-Selbyonce ekhethe ukushiya Ukhozi FM kodwa wajoyina iGagasi FM.

Uthi lento eyenziwe u-Selbyonce ayinjengoba abantu becabanga, akalalanga wavuka esethi useshiya Ukhozi FM.

Ezingxoxweni abe nazo noKhozi FM inkinga bekungasiyo imali kodwa kumayelana nephupho lakhe, njengoba wonke umuntu uma ekhula eba nephupho afisa ukulifeza.

Ukukhetha kwakhe iGagasi FM ingoba lona linabalaleli abasezintweni elibabiza phecelezi nge-urban audience okungabantu abaningi abasebasha basemadolobheni. Lolu hlobo lwabalaleli luhambisana nalokhu u-Selbyonce ayikho futhi okuzomnika igunya lokuthi aziveze kahle ubuyena aphinde azibandakanye nesitayela sesimanje ngokungenambandela oqinile.

Lokhu kuzonikeza u-Selby inkululeko ayidingayo kwiGagas FM okungagcina neminye imisakazo yasemadolobheni iqale ukumbona kakhulu manje.

Ukuphuma kwakhe kuKhozi FM okuyisiteshi esikhulu e-Africa kube isinqumo esibalwe kahle futhi esingathathwangwa kalula. Sekunamathuba aamaningi manje okuthi adonse amehlo eminye imisakazo efana ne-947, East Coast Radio, Metro FM, 5 FM, YFM neminye.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com