EZEMPILOIzindaba

Abakwa Nestlè banxusa abathengi ukuthi bebuyise amathini obisi lwezingane anobungozi

I-NATIONAL Consumer Commission (NCC) isikuqinisekisile ukuthi nebala anobuthi amathini obisi i-NAN Special Pro HA Infant Formula (0-12 months) futhi sekuyalelwe abadayisi ukuba bewasuse emashalofini emuva kokuhlolwa kwatholakala ukuthi kunengcuphe yezempilo kulo mkhiqizo.

Lolu bisi olwenzelwe izingane lune protein eningi yezinkomo futhi eyingozi kubantwana abasebancane ngakho selukhishiwe emashalofini emikhiqizo ezodayiswa. Kutholakale ukuthi lune cereulide engaholela ekunyukubaleni kwesisu – ingane ihude, ukudla kungagayeki esiswini noma ibe nenkinga yesikhumba.

Umkhiqizo okuyiwo onalobuthi i-NAN Special Pro HA Infant 800g, batch numerous 5166742F3 ebisisatshalaliswe ezweni nasemazweni angomakhelwane Eswatini nase Namibia.

Abadayisi nabasabalalisi bokudla sebeyalelwe ukuthi balususe emashalofini asezitolo nasezindaweni ezigcina ukudla futhi baluleke amakhasimende ngokwenzekile.

Abakwa-NCC bathe isenzo sokususa lolu bisi ezitolo sigcizelela ukuzibophezela kwabo ekubekeni impilo yezingane phambili.

Lokhu kwenzeka kuleli nje nasemazweni omhlala selishayiwe ikhwelo lokuthi lomkhiqizo owenziwa inkampani yase Switzerland, Nestlé ususwe emashalofini emuva kokuba inqwaba yemikhiqizo ye-SMA, BEBA, NAN neminye imikhiqizo yezingane ezimakethe zase-Europe kutholakale ukuthi zinalobuthi.

Kunxuswa abazali ukuthi baxhumane nabasebenzi bezempilo abaqeqeshiwe futhi baxhumane nabakwa Nestlé ukuze belulekwe noma bebuyelwe izimali zabo uma sebeluthengile ubisi.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com