EZIKAQEDISIZUNGUIzindaba

Zizodlana imilala kokazime ohlelwe i-Family of Models kwaDabeka

KUZOBE kuphithizela onobuhle namagcokama emncintiswaneni wozime, i-Miss & Mr Runway Royalty KZN 2025 ozobe ungoMgqibelo, mhlaka-2 Ncwaba (August) 2025 ehholo lakwa-D okudume ngokuthi “Etsheni”.

Le ndumezulu yomcimbi uhlelwa i-agency, i-Family of Models enezinye izinkampani ezingaphansi kwayo okuhlanganisa i-Peagent Online Shop, edayisa izimpahla zokumodela neKasi Culture Magazine.

Ekhuluma nentatheli yoMKHAYA umphathi we-Family of Models, uSphelele Myeza uthe umcimbi wabo unedumela kakhulu kangangokuthi amathikithi abedayisa ngo-R15 aphelile, sekusele angu-R25 nawe-VIP wona angu-R50.

Uthe okokuqala benza umcimbi selokhu isunguliwe i-agency yabo ngoMandulo (September) 2024.

“Sithanda ukubonga izinkampani ezisixhasile ukuze umcimbi wethu ube impumelelo. Sibonga kakhulu iNdalwenhle Media neMapholoba Funeral Service”, kusho uMyeza.

Uthe abazogcina nje ngalo mcimbi kuphela kodwa miningi eminye abazimisele ngokuyenza. “Inhloso yethu enkulu ukusiza imiphakathi. Sifisa ukuthola abangakwazi ukusixhasa noma ngabe yini, kusuka ezintweni zokugcona, ezokugqoka nokunye ukuze sinikele kwabangenakho”, kusho yena.

Umsunguli we-Family of Models uMfundo Mathibane odume ngelika-Prince Tau RSA ubonge bonke ababambe iqhaza ukwenza lomcimbi ube impumelelo. “Ngithanda ukubonga wonke umuntu owenze lomcimbi waba impumelelo. Ngingakhohlwa ithimba lami le-Family of Models uSphelele Myeza oyi-manager, Samke Shange oyi co-manager, Andile Myende oyi-organizer & wardrobe manager bese kuba u-Asphile Khawula oyi-admin clerk. Ngaphandle kwabo lomsebenzi ubungeke ube impumelelo”, kusho uMathibane.

Abazobe bephethe uhlelo emcimbini kazime ngoMgqibelo, uNkosinathi Mhlongo noStockorh Sekhethelo.

Uma ufuna ukuxhumana nale-agency ungayilandela ekhasini layo le-Facebook elithi “Family of Models” noma kulenombolo ethi 067 892 6464.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com