
Uzovulela i-Uber icala lokweba u-Cassper Nyovest
EMUVA kokuchayiswa inkampani ehambisa ukudla, abantu nezimpahla i-Uber, u-Cassper Nyovest usenqume ukuthi ayivulele icala lenkampane.
Ngesonto eledlule lo mculi wayedinwe egane umnwabu, esola umshayeli we-Uber Eats ngokuntshontsha isipho abesithumelea umngani wakhe.
Uthe uzamile kakhulu ukuthi sibuye lesi sipho kodwa kuze kube manje lutho, ingakho esefuna ukuvula icala emaphoyiseni.
“Isipho ebengisithumela kumngani wami kuphele izinsuku ezintathu ngizama ukuthi sibuye. Abakwa-Uber bebelokhu bengifonela bexolisa kodwa namanje impahla yami ayikaze ibuye”, kusho u-Cassper.
Uthe ufonelwe umsebenzi wakwa-Uber wakuqinisekisa ukuthi ikubona impahla yami, uze wafuna ikheli lakhe kodwa namanje akukaze kufike lutho.
“Sengiyaphoqeleka ukuthi ngibavulele icala ngoba umsebenzi wabo wangintshontshela, njengamanje sebelokhu bengikhohlisa”, kusho yena.
Phambili u-Cassper wathi umshayeli we-Uber wathi isipho abesihambisa usibuyisele kuye, yize yena asilinda umlibe sangafika.
Ukhale ngokuthi siyabiza kakhulu nama-email awathumela kwa-Uber awaphendulwa. “Ngeke ngiphinde ngisebenzise i-Uber. Sebengintshontshele kakhulu ukudla izikhathi eziningi”, kusho yena.
Abantu abaningi bazwelane naye U-Cassper, banxusa lenkampane ukuthi iphumele obala ngokwehlele u-Cassper. Okususe kakhulu umsindo ukuthenjwa kwayo lenkampane ngokuthumela izimpahla zenani eliphezulu.
U-Cassper uthe ngesikhathi besalokhu bexolisa abakwa-Uber uke wakuhoxisa ukubandakanya amaphoyisa kulolu daba kodwa emuva kokumchayisa izinsuku ezintathu elokhu elindile usebone ukuthi avele asebenzise umthetho.
