EZISEMATHENIIzindaba

Ziphume zingenamyocu izingane (2) itekisi ebeziyigibele isha ingqongqa e-Vosloorus

IZINGANE ezimbili ezineminyaka eyishumi (10) neyisithupha (6) ziphume zingenamyocu emuva kokusha kwetekisi ebeziyigibele e-Vosloorus Extension 7 ngoLwesithathu ekuseni, mhlaka-22 Masingana (January) 2026.

Abezimo eziphuthumayo bakholelwa ukuthi inkinga e-mechanical noma i-electrical fault edale umlilo, okushiye imoto ethutha abafundi ishe yaphela.

Izingane ezineminyaka eyishumi nesithupha ubudala bezihamba nomshayeli ngesikhathi kuqubuka umlilo. Amaphoyisa athe zombili izingane ziphuma emndenini owodwa.

Okhulumela i-City of Ekurhuleni Disaster and Emergency Management Services, u-William Ntladi uthe izikhulu zithole ucingo ngabo-06:03 mayelana nemoto eshile.

Kubikwe ukuthi kunemoto eshayo ku-Inyetsane Street eVosloorus.

UNtladi uthe ngesikhathi kufika abezicishamlilo, itekisi bese ivutha yonke indawo.

Ngaleso sikhathi, umshayeli nezingane ezimbili bese bekwazile ukuphuma emotweni. Ngenhlanhla akekho kubo olimalile.

Izicishamlilo zikholelwa ukuthi umlilo uqale kwinjini yemoto. Ulwazi lwangaphambili lukhomba ukuthi inkinga kungenzeka ukuthi i-machenical noma i-electrical fault njengembangela engase ibe imbangela yomlilo.

Abasebenzi bezimo eziphuthumayo banikeze izeluleko ngokwengqondo ezinganeni ezimbili kanye nomshayeli endaweni yesigameko. Kuthintwe abazali bezingane bafika endaweni yesigameko ngemuva kwalokho.

Abezicishamlilo bawucimile umlilo, kodwa imoto yesikole ibilimele kakhulu ngeke isakwazi ukusetshenziswa.

Ngemuva kokucinywa komlilo, indawo yesigameko inikezwe amaphoyisa kamasipala wase-Ekurhuleni.

Amaphoyisa e-SAPS athathe indawo ukuze kuqhutshekwe nophenyo nokulungisa isimo sesigameko.

Akubikwanga muntu olimele.

Umthombo: *Lolu daba luthathwe ezikweni lezindaba i-Scrolla.Africa

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com