
Izakhamizi zase-North West ziphuza ama-ARV aphuma kompompi bamanzi
UMNYANGO wamanzi nenhlanzeko kuleli uphenya ingcuphe yezempilo ebhekene nezakhamizi zasesifundazweni i-North West emuva kocwaningo olwenziwe i-North West University (NWU) oluthole ukuthi amanzi agcinwe emathankini amaningi esifundazweni anezinhlayiya zamaphilisi athithibalisa i-HIV/AIDS, ama-Anti-Retro Viral (ARV)
Kulolu cwaningo i-NWU ithole ukuthi izinhlayiya zama-ARV zisemifuleni okubhukudwa kuyo kanye nasemanzini ahamba emapayipini.
Lesi simo esingajwayelekile kusolwa ukuthi sibangelwa inqwaba yabantu abadla lemishanguzo, bese izinsalela zemishanguzo zingakhuculeki uma imishini isihlanza indle.
Ekhuluma ephalamende ngoLwesibili umqondisi jikelele womnyango wamanzi nenhlanzeko, uMnuz. Sean Phillips uthe basazocubungula ukuthi bengayithuthukisa kanjani indlela yokukhuculula indle eziphehlini zabo zamanzi. Uthe lokhu bazokwenza besebenzisana ne-Water Research Commission (WRC).
“Iziphehli zamanzi eziningi zazakhiwe eminyakeni eminingi edlule, futhi zingakulungele ukusebenza esikhathini lapho liphezulu izinga lokudliwa kwemishanguzo”, kusho uMnuz. Phillips othe lokhu akushoyo kuvezwe abacwaningi lwe-NWU.
I-NWU ithe amanzi asuke engenagcobo ayahluleka ukumelana nezinhlayiya zama-ARV njengoba zisuke zine-chemical enamandla kakhulu.
Embikweni wayo i-NWU ixwayise ngokuthi lesi simo singaba nomthelela omubi nongabeka impilo yabantu engcupheni njengoba kunganda ama-bacteria futhi kululaze izinga lamanzi.
