EZISEMATHENIIzindaba

Zikhoseliswe ehhotela eGoli izifikanamthwalo ezingu-130 zasePalestine

NGOLWESINE ebusuku iNingizimu Afrika ivumele izifikanamthwalo ezingu-130 zase-Palestine ukuba zingene kuleli.

Laba abebefuna ukuzokhoseliswa kuleli batheleke ngendiza e-OR Tambo International Airport eGoli futhi kuvele ukuthi ama-passport abo abengenazo izitembu lapho abavela khona futhi akuvezwanga ukuthi bazohlalaphi kuleli.

I-Border Management Authority (BMA) inqabile ukuba bangene kuleli ngoba bekungacaci ukuthi bazohlala isikhathi esingakanani futhi nendawo abebezohlala kuyo ibingaziwa.

Kube sekungenelela inhlangano edume ngokusiza emhlabeni wonke, i-Gift of the Givers etshele ungqongqoshe womnyango wezasekhaya ukuthi izobahlalisa bona labantu.

Babe sebevunyelwa ukuthi bangene eNingizimu Afrika, kodwa kuthiwa njengoba besuke ePalestine bengu-153, abangu-23 kubona bese behambile baya kwamanye amazwe, laba abangu-130 bona babe sebevunyelwa ukuthi bangene ngaphansi kwesandla se-Gift of the Givers.

Okunye okwenze kwangaba namathize ekwamukeleni laba ukuthi abantu base-Palestine bavumelekile ukuvakasha eNingizimu Afrika ngaphandle kwe-visa uma bezohlala izinsuku ezingu-90 kuphela.

UMKHAYA uthole ukuthi abantu abangu-130, bonke abangabokudabuka e-Palestine bakhoseliswe ehhotela eliseGoli.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com