
Kusolwa ukuthi zibolekwa izinkabi izibhamu (226) ezishaqwe amaphoyisa kweyonogada
UPHIKO lwamaphoyisa, i-National Tracking and Tracing Task Team ngaphansi kwe-Operation Buyisa kuthe ngoLwesihlanu lwashaqa izibhamu ezingu-226 kwinkampani yonogada ebhalisiwe.
Le nkampani kuthiwa iphule umthetho wokuphathwa kwezibhamu, i-Firearms Control Act of 2000 – umthetho we-60 ka-2000.
Lo mthetho uyalela abanikazi belayisensi ukuba beqikelele ukuthi izibhamu zisendaweni ephephile, zinezimvume futhi zisemthethweni.
Okhulumela amaphoyisa, u-Lt. Col. Amanda Van Wyk uthe uphiko lwabo luqale emasontweni edlule ukuhlola izibhamu ezinkampanini ezehlukene zonogada, emuva kwezikhalo ngezibhamu eziyingozi ezikuzo.
“Sithole ezinye izibhamu e-Krugersdorp lapho usomabhizinisi ubegcine izibhamu ezingaphezu kwama-200 ezibhalise ngaphansi kwenkampani yakhe.
“Sibuye sathola izibhamu ezimbili kulezo ezingabhalisile, sibe sesimbopha. Kwenye inkampani eseLimpopo sithole isibhamu esingekho emthethweni, sabopha umuntu obekuthiwa esakhe”, kusho u-Lt. Col. Van Wyk.
Uthe kule nkampani abathole kuyo izibhamu ezingu-226 kuvele ukuthi kungenzeka ukuthi zisetshenziselwa ukuqhuba ibhizinisi lezinkabi ezibulala abantu.
Amaphoyisa asaphenya.
