
Yizwa kabanzi ngokushiyise uMduduzi Ncube eNkabi Records nosekumnike izimpiko
IZINDABA zokushiya kukaMduduzi Ncube kwiNkabi Records zithulelwe abalandeli bakhe ngoLwesine, mhlaka-6 Ndasa (March) uyena uqobo, okuthe emuva kwalokho umnikazi walesitebele somculo uBig Zulu wabe esekuqinisekisa futhi emfisela indlela enhle.
Nokho lezindaba zibethusile abaningi abebengakaze bezwe ukuthi kunenkinga ekhona phakathi kukaNcube nenkampani aqopha kuyona.
Esitatimendeni ebesibhekiswe kubalandeli bakhe akukho nokuncane okusolisayo njengoba ebonge isikhathi abe naso kwiNkabi Records, wangabeka sici, kanti nathi asisho ukuthi sikhona.
UMKHAYA ube usululandela lolu daba, ngenhloso yokuthola isizathu esizwakalayo, okuyiso esishiyise uNcube eNkabi Records nokuthi uzozuza kanjani ngokushiya kwakhe.
Esikwaziyo sonke ukuthi lo mculi usekuqinisekisile ukuthi uzokhipha i-single yakhe ngaphansi kwenkampani emataniswa naye, i-Blvck Bird Entertainment bese iVirgin Music SA kubo yiyo ezosabalalisa umculo wakhe.
Lokhu-ke kusho ukukhula kukaNcube njengoba iVirgin Music SA iyisikhondlandla ekusabalaliseni umculo emhlabeni. Isungulwe ngoNhlangulana (June) 2021 yase yethulwa e-Afrika ngo-2022 njengenkampani ebebhekele ukusabalalisa umculo wamaciko asebenza ngawodwana kanye nowezinkampani emhlabeni wonke. Isebenzisana kakhulu ne-Universal Music Group (UMG). Isebenza nabaculi abafana noDlala Thukzin, Lwah Ndlunkulu, Naledi Aphiwe ne Ndlovu Youth Choir. Iphinde yasekela kakhulu ukuthuthuka komculo obizwa ngeLekompo odume kakhulu eLimpopo. ophushwa oDJ Call Me SA, Tribby Wadi Bhozza, Shandesh, Makhadzi, Shebeshxt nabanye.
Nokho asiwabukeli phansi amandla eNkabi Records njengoba uNcube ekhule ngamandla ngaphansi kwayo. Phakathi kwezinye izingoma ezishisayo azikhiphe ngaphansi kwayo ezithi Isiginci nethi Langa Linye. Inkabi Records imnike inkundla yokuzethula njengoba manje igama lakhe selilikhulu emculweni waseNingizimu Afrika.
USETHOLE IZIMPIKO ZOKUNDIZELA PHEZULU
Isinyathelo sokuqopha ngaphansi kweBlvck Bird Entertainment kube ngesinobuhlakani obumangalisayo kwazise yona inombono wokuphusha umculo emhlabeni wonke, okusho ukusabalala komculo wale nsizwa engeyokudabuka eVryheid.
Ukuba nesibindi sokushiya iNkabi Records kubonisa ukuthi usekulungele ukubhekana neminye imiklamo futhi akleze kwelinye iqophelo njengeciko.
Umculo wakuleli uyakhula futhi uyangenisa emhlabeni wonke. Amapiano ne Hiphop kubanga nezinombolo eziphezulu ezingomeni ezidlalwa kakhulu ezinkundleni zomculo emhlabeni kanye nabaculi abashaya opholile ngakho uNcube ulandela ezinyathelweni zabaculi asebendizela phezulu emhlabeni wonke jikelele.
Abaculi bakuleli abangenisile emculweni womhlaba oTyla, Black Coffee, Uncle Waffles, Kabza De Small, DJ Maphorisa, Nasty C nabanye.
Ukusebenzisana kweBlvck Bird Entertainment kaNcube neVirgin Music SA kumbeka esigcawini esihle kakhulu sokugiya nezinkunzi. Ngaphezu kwalokho kusho ukuthi uvulelekile ukunweba izimpiko andizele kwezinye izinkalo ebe esibambile isigqi esimenze waziwa futhi abalandeli bakhe abamthandela sona.
Ukuba ingxenye kweVirgin Music SA kuyisibusiso esikhulu njengoba kuyiyo ezobe isabalalisa umculo kaNcube emhlabeni wonke. Lokho kukodwa kuchaza ukuthi umculo wakhe uthembakele ukuthi unganikezwa imakethe entsha. Kuwukunqoba nakubalandeli bakhe abasezinkalweni ezehlukene ngoba umculo wakhe ngeke baweswele.
IBlvck isiyikhaya labaculi abaningi abafuna umculo wabo uklaye ephi naphi. Ukuthatha isinqumo sokuma nayo kube igxathu elihle kakhulu kuNcube ngoba usezimatanise nombono owazisa kakhulu ikhono labaculi nokuhlonishwa kosikompilo lwabo.
Leli ithuba likaNcube lokunyukela phezulu kwelinye iqophelo njengeciko futhi athembe izwi lakhe ukuthi lizoqhubeka nokumthwala.
Maduze uzokhipha i-single yakhe elindelwe ngabomvu futhi akusekho okungavimba.
