EZIKHETHEKILEEzosaziwayoIzindaba

Isaphila imfene eyayingumngani omkhulu ka-Michael Jackson

ABAMAZI kahle umculi we-pop, u-Michael Jackson obedume ngelika-Wacko Jacko bazoyikhumbumbula imfene abevame ukubonakala nayo kumakhonsathi nasezindaweni zomphakathi.

Le mfene ebizwa ngo-Bubbles isaphila kanti manje isineminyaka engamashumi amane nanye (41).

U-Wacko Jacko umthenge esikhungweni socwaningo esise-Texas ngabo-1980’s, kusuka lapho bebengamathe nolimi. Ukusondelana kwabo kuthathe amehlo abantu nabezindaba. Ngo-1987 ngesikhathi u-Wacko Jacko enekhonsathi i-Bad World Tour, yena nomngani wakhe u-Bubbles baphuze itiye nemeya yase-Osaka e-Japan.

Esithombeni: Umbukiso wobuciko buka-Michael Jackson no Bubbles oqoshwe u-Jeff Koons waseMelika ngo-1988

Ngaphambi kokushona kuka-Wacko Jacko, u-Bubbles obeyimfene yesilisa uke wahlala ekhaya lakubo elise-Encimo, e-Los Engeles kwathi ngokuhamba kwesikhathi wase ehlala naye emzini ose-Neverland Ranch ngo-1988.

Ubelala nayo le mfene ekamelweni lakhe futhi isebenzisa nendlu yakhe yangasese.

Kuthiwa emuva kokushona kukamngani wakhe ngo-2005, u-Bubbles unikelwe kumqeqeshi wezilwane ozinze e-California. Ngo-2024 umqeqeshi wezilwane uyivalile indawo yakhe, wamdlulisela kwenye ebizwa nge-Center for Great Apes ese-Wauchula, e-Florida lapho ehlale khona kwaze kwaba manje kanti kubikwa ukuthi usekhulile futhi useyisilwane esiwumdlwembe.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com