EZISEMATHENIIzindaba

Uyise uthi ibingenazinkinga zemali nomjolo indodana yakhe ezibulele ebholuhweni

UMNDENI waseMhlathuzana, e-Clare Estate eThekwini uveze ukuthi usahlukumezekile namanje ngesenzo sendodana yawo eziphonse phansi kwebhuloho ku-N2, Umngeni Interchange ngoMgqibelo.

Lo mndeni uthi okudida kakhulu ukuthi lendodana yawo eneminyaka engu-21 lokhu ikwenze kade kugujwa usuku lwayo lokuzalwa emasontweni amabili edlule.

U-Nickeel Gokul obengumfundi we-computer science and engineering e-Varsity College uchazwe njengengane ebiyenza kahle kakhulu ezifundweni zayo.

Ubaba wakhe, u-Pranesh Gokul uthe imiqondo yabo isaphazamisekile namanje ukuthi yini ebingadala ukuthi indodana yabo ithathe impilo yayo ngendlela eyenze ngayo.

“U-Nickeel ubewumuntu oziphethe kahle futhi ehlonipha. Ezifundweni zakhe ubenza kahle kakhulu futhi echitha isikhathi sakhe esiningi phambi kwe-computer.

“Ubengenayo intombi, ngakho azikho izinkinga zobudlelwano bothando abengaba nazo futhi zidale ukuthi azibulale”, kusho yena.

Uthe ubengenazo nezinkinga zezimali nezinye nje abebezazi. “Angazi ukuthi yini ebingamenza enze lento enje futhi angacabangi ukuza kithi”, kusho u-Gokul.

Umthombo osemaphoyiseni utshele iziko lezindaba i-POST ukuthi umshayeli weloli obengemuva kwemoto ebihamba u-Nickeel, i-VW Polo uthe umbonile emisa imoto maqondana nebholoho.

“Umshayeli weloli umbonile ema, kodwa wangacabanga ukuthi angenza into ebuhlungu kanje waqhubeka nendlela yakhe. Ube eseqaphela ukuthi umshayeli wemoto emile ugxumela phansi kwebhuloho. Bese kungekho angakwenza ukuthi kukhona abengakwenza”, kusho umthombo.

Umshayeli weloli ube esema ngaphambili wafonela abezimoto ezithwala ezinye wabatshela ngosekwenzekile. Bafikile kulendawo bathola u-Nickeel eseshonile.

“Ngeshwa ufe ujuqu. Bingekho nencwadi echaza ngesenzo sakhe kuye emotweni”, kusho umthombo.

U-Gareth Naidoo oyinhloko ye-KZN Emergency Services uthe bathole inqwaba yezingcingo zibabikela ngomuntu ozibulele ngoMgqibelo ntambama.

“Amalungu omphakathi asazisile ukuthi imoto emnyama eyi-TSI VW Polo imile, kwathi emva kwesikhashana umshayeli wayo waziphonsa ebhulohweni”, kusho u-Naidoo.

Amaphoyisa avule icala lokufa komuntu.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com