EZIKAQEDISIZUNGUEZISEMATHENIIzindaba

Osomabhizinisi baxhasa umcimbi wokuhlukanisa unyaka eMandeni emuva koku “gajwa” kwawo umasipala wendawo

BALOKHU bevele njalo osomabhizinisi abazimisele ngokuxhasa umcimbi waminyaka yonke wokuhlukanisa unyaka eMandeni, iMandeni Street Shutdown obuye ubizwe ngeMandeni New Year’s Eve Celebration.

Lo mcimbi osungena onyakeni weshumi nanhlanu (15) kulonyaka udonsa kanzima njengoba kulukhuluni satshe ukuthola abaxhasi ngisho kumasipala wendawo.

Umhleli wawo, u-DJ Bitso obuye asebenzise imali yakhe ukuqasha abaculi ubhale ekhasini lakhe lika-Facebook echazela abalandeli bakhe ngenselelo abhekene nayo ekuwuhleleni.

Uthe wazihambisela mathupha isicelo sokuxhaswa umasipala ngoMbasa nonyaka kodwa akaze aphendulwe. Kuthe esehlela umcimbi wakhe ngoZibandlela njengoba ehleze enza minyaka yonke wathola ukuthi umasipala uthi awusitholanga isicelo sakhe.

Esithombeni: U-DJ Bitso echaza ngenselelo abhekene nayo ekuhleleni iMandeni Street Shutdown

“Ngazihambisela i-form e-Love life Centre emuva kokuligcwalisa. Ngafika khona kwathiwa angiliyise ngqo emahhovisi kamasipala. Ngaya khona ngalishiya ehhovisi lakwa-LED ngihamba nabanye abafowethu”, kusho u-DJ Bitso.

Uthe uzwe esethola ngomunye umhleli wemicimbi ukuthi umasipala usubakhokhele abahleli okwaphumelela izicelo zabo. “Lokho kungixakile ngoba mina akekho umuntu oke wangazisa ukuthi isicelo sami asiphumelelanga”, kusho yena.

Nakuba kunjalo osomabhizinisi bakule ndawo balokhu benikele njalo kulo mcimbi onesasasa elikhulu kubantu abasebasha nabathandi benjabulo kwazise iwona kuphela umcimbi owenzeka ngalesikhathi esibalulekile onyakeni.

U-Dj Mdubane unikele nge-Sound System kanti mawufuna ukudlalelwa kunoma imuphi umcimbi ungamthola kule nombolo ethi: 083 484 9333.

UNonhle Makhoba onenkampani yokuhlanza, i-Peace of Mind Events Cleaning naye unikelile kulo mcimbi. Yena utholakala kule nombolo ethi: 072 311 3252.

UThulasizwe we-MTST Credit Solutions esingasitholanga isibongo sakhe unikele ngobhazabhaza wetende elizobe lelise-stage. UThulasizwe utholakala kule nombolo ethi: 073 750 3079, noma kuleli kheli le-email elithi: mpilitst.co.za

“Ngisengumculi i-street bash isona esangipha ithuba abanye abahleli besivalela ngaphandle, ngo-2018 ngangidlala kuma-street bash unyaka wonke”, kusho uThulasizwe.

U-DJ BITSO UCELA USIZO EMPHAKATHINI

“Emndenini nakubangani umcimbi wethu wokubhiyozela ukuhlukana konyaka uzokwenzeka. Ngaphezu kwemizamo yethu, sisashoda ngemali yokwenza ezinye izinto ezibalulekile njengokuqasha amatende, ukukhokhela i-sound system nokukhokhela abantu abasisizayo.

“Lomcimbi ubulokhu uqoqela abantu ndawonye, ugubha ikhono lentsha, wakha ubunye nethemba. Sisazinikele ukuthi uqhubeke ngakho lokhu okuncane esinakho”, kusho u-DJ Bitso

Uphethe ngokunxusa abafisa ukunikela ukuba bephose kule-account yasebhange engezansi:

Account name : Bitso Entertainment
Bank name: FNB
Account number: 63080524010
Branch Code : 250655

U-DJ Bitso uyatholakala kule nombolo ethi: 078 109 4967 noma ekhasini lakhe lika-Facebook [Bitso Thwala].

Kuthintwa uMnuz. Mdu Manzi ongumphathi wezokuxhumana kumasipala waseMandeni ukuze acacise ngokungaxhaswa komcimbi ka-DJ Bitso uthe: “Akuwona wodwa ongaxhaswangwa, ikhona neminye engazange ihlangabezane nezimfuno”.

Uthe uthemba ukuthi abahleli bawo bazoxhumana nomnyango obhekene noxhaso “besebephinda befaka isicelo ngonyaka ozayo u-2026”.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com