EZISEMATHENIEzosaziwayoIzindaba

Uthobeke ubuhlungu uShebeshxt ingoma yakhe ihlukanisa unyaka esejele

AKUBUZWA ukuthi ukuhlukanisa unyaka kwengoma yakhe emsakazweni omkhulu kwa-SABC kuthe ukumthoba kancane ubuhlungu bokungayitholi i-bail umculi wakuleli, uShebeshxt osahleli esitokisini emuva kokuboshwa ngamacala abucayi.

Ingoma kaShebeshxt ethi Rato Laka ayenza noZee Nxumalo, Naqua SA noSlidoo Man iyona ehlukanise unyaka kuThobela FM.

Emasontweni amabili edlule inkantolo iPolokwane Magistrate’s Court isichithile isicelo se-bail sikaShebeshxt obekuchaza ukuthi uzotholoza ejele onke amaholidi njengoba ezoze aphindele kuyo ngomhlaka-18 Nhlolanja (February) 2026.

Lo mculi olahlekelwe imali engu-R3 million abezoyithola ngemicimbi abeqashwe kuyona uboshwe ngamacala amathathu (3) okuzama ukubulala, okuhlanganisa nesigameko esenzeka ngoMfumfu 2025 emuva kwengozi yemoto lapho ahilizisana khona nomunye umshayeli [uShebeshxt] wakhipha isibhamu wamdubula esiswini.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com