
USizwe Mdlalose ukhuza uSweet Guluva osethe ne kuSomizi
USESUSE umsindo ezinkundleni zokuxhumana umculi waKwaZulu-Natali obuye aphathe izinhlelo, uSizwe Mdlalose emuva kokufaka i-video ekhasini lakhe le-Facebook ekhuza uSweet Guluva ngokuba amathe nolimi noSomizi.
U-Sweet Guluva osanda kuhlabana ngo-R1 million emncintiswaneni i-Big Brother Mzansi muva nje uwushuni wesinanqa noSomizi. Sebevame ukufaka izithombe nama-video bendawonye.
Kule-video, uMdlalose uthe kuyamangaza ukuthi uSweet Guluva ethi evotelwe kangaka abantu besifazane yena athathe yona le mali ayinqobile ayise kwenye eningi, “Shuthi sekuyoba ama-million ngama-million”.
“Shuthi thina siyohlezi sijuluka bese umjuluko wethu uyophosa esivivaneni sababusi”, kusho uMdlalose.
Uthe zikhona izinto okumele ngabe ngabe uyazikhetha uSweet Guluva kunokuthi akhethe ukwehla enyuka noSomizi. Ube esemkhuza ethi kabuye. “Buya lapho kuyaqathakwa, uqathaka usundizile ngebhanoyi usakeze phansi ngobuso. Buya ungakaqathaki”, kusho uMdlalose.
Abalandeli bakhe baphawulile nabo bavumelana noMdlalose bekhala ngemali yabo abavotela ngayo uSweet Guluva.
UZoe Lethu Zuma uthe: “Ay’bo uthini manje bhuti Sizwe.. angalinge nje asishiye la akabuye booo azokhetha simufuna kabi nje, silinde yena kumanje sivive kabi… akashiye phansi lowo MaMhlongo…. mmmmm awu kodwa ngamavoti ami ngenzela impilo engcono ku “SG” akabuye nje haaaaa simulindile futhi bhuti Sizwe sicela usimeme wenze u-Live sizomutshela ezikabhoqo khona ezosichazela kahle kuthi usishiyelani sikhona ahambe noMaMhlongo habee… zolo lokhu uMaMhlongo ubezincoma ku-Tiktok ethi kasoze ahlupheke. Kuyaqathakwa ngempela futhi uSomizi angasilingi bo simbhekile”.
USboh Biyase uthe: “Yeka simulwela ethi uSomizi akamazi, sikuphi manje yena futhi usentaza naye”.
U-Pinky Mlele uthe: “USweet Guluva odlala ngamavoti ethu”.
Nokho abantu abanyi nxanye bengemanzi, UMthokozisi Ngubane uthe akasho uMdlalose uma edlala isikhwele. “Waze wayikhuluma inkululumo esobala kodwa wayicashisa! Phumela obala nje wena uma umfuna lomfana. Ungayicashishi nje ngama-million. Igama elisho konke la elithi “abafazi’ okuyibona okhuluma nabo.
Omunye umfundi ubuze uMdlalose ukuthi woniwa yini umoya wakhe?
