
Kuboshwe umshushisi obeshayela ebukhile zivale thaqa ezikaDuma
NJENGOBA eqhubeka nokuqinisekisa ukuthi ziyehla izingozi zomgwaqo umphathiswa womnyango wezokuthutha KwaZulu-Natal, uMnuz. Sboniso Duma baningi abasazolala bebaliwe.
NgoLwesihlanu ebusuku amaphoyisa ophiko lwe-Road Traffic Inspectorate (RTI) abophe owesifazane oneminyaka engamashumi amane nane (44) ongumshushisi emuva kokumhlola athola ephuze utshwala obeqile njengoba bekugijima ku-0.83mg/l. Lesi isibalo esiphindwe Kane (4) kwesamukelekile.
Lona wesifazane uboshwe ngabo-23:01 emgwaqeni u-R620 kuMarine Drive e-Margate.
Uvulelwe icala elibhaliswe ngenombolo ethi 597/08/2025.
Umnyango uwancomile amaphoyisa abophe lomshushisi. “Imikhankaso yethu ethi Zero Tolerance, No Nonsense nothi Alufakwa yiyi esiyisikhali sethu empini yokulwa nokuphuza bese ushayela”, kusho isitatimende somnyango.
“Sithemba ukuthi ukuboshwa kwalo mshushisi kuzoqubula ingxoxo mayelana neqhaza okumele libanjwe abantu bomthetho ekunciphiseni izingozi ezidalwa uphuzo oludakayo”, kusho umnyango.
Abanye abababoshwe ngoLwesihlanu ebusuku ngamacala okushayela bephuzile babe ngamashumi amahlanu nane (54). Izinombolo zimi kanje ngokwehlukana kwamadolobha; eThekwini (21), eMgungundlovu (18), eMnambithi (14) bese Empangeni abe munye (1).
