EZEMISAKAZOIzindaba

Usezogxila kwezolimo oshiye emsakazweni

OBENGUMSAKAZI we-Radio 2000 osanda kumemezela ukuthi uyashiya kulo msakazo ekupheleni kukaMasingana (January), uMmatsheko Mosito, usezogxila kwezolimo kwazise umkhakha awuthanda kakhulu.

Ngaphandle kokwethula izinhlelo emsakazweni, uMosito uphinde abe ne-podcast ayethulayo ebizwa nge-Planting The Seed With Mmatsheko Mosito egxile kwezolimo futhi uphinde asakaze uhlelo emsakazweni ongaphansi kwe-SABC, i-Channel Afrika lapho ethula khona uhlelo olunegama elifanayo nolwe-podcast njalo ngeSonto ngo-12:00 emini kuya ku-14:00 ntambama.

Esithombeni: Isikhangiso sohlelo lukaMmatsheko Mosito oluthi “Planting The Seed” ku-Channel Afrika

UMosito uyilungu lebhodi yenhlangano engenzi inzuzo, i-Dignity Dream ehlose ukusiza abesifazane abancane nabadala futhi abagubuzelwe ubuphofu ukuthi bekwazi ukubhekana nezinselelo zangokobulili.

Uke waba umdidiyeli wezinhlelo zezingxoxo kumabonakude, i-3 Talk With Noeleen ebiyenziwa u-Noeleen Maholwana-Sangqu ne Real Talk ebiyenziwa u-Anele Mdoda no Azania Mosaka – zombili lezinhlelo beziboniswa ku-SABC 3. Kanti uphinde waba umdidiyeli omkhulu we-The Morning Show ku-eTV.

Encwadini ethinta imizwa ayibhale ezinkundleni zokuxhumana, uMosito ubonge kakhulu amathuba owatholile kulesi ku-Radio 2000.

“Lesi sahluko besingakha, ngifunde okuningi kulomsakazo kanye nozakwethu. Ngiyabonga kakhulu ngethuba engilinikeziwe, ozakwethu kanye nabalaleli”, kusho uMosito.

Uthe ukushiya i-Radio 2000 akukhona ukuphela kwendlela, kodwa wukuhlela kabusha impilo yakhe ukuze akwazi ukunika umsebenzi wakhe amandla amasha.

“Isinqumo sami akusona esokulahlekelwa, kodwa wukuhlela kabusha impilo, ngokukhetha ezempilo nokusimama okuzongivumela ukuthi ngivele ngamandla nangobunyoninco kulamathuba amasha”, kusho yena.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com