
U-Cassper Nyovest udinwe wafa umshayeli we-Uber Eats entshontsha isipho abesithumela kumngani wakhe
UMCULI we-Hiphop kuleli osenqobe inqwaba yezindondo, u-Cassper Nyovest udinwe wathelwa ngamanzi ngesenzo somshayeli we-Uber/Uber Eats amsola ngokuntshontsha isipho abesithumela kumngani wakhe.
Ushiye angalazi embhalweni awufake ekhasini lakhe le-Facebook lapho abegxeka khona lenkampane nabashayeli bayo ebabiza ngombhedo.
“@uber @ubereats_za Uber seyiwumbhedo wokugcina. Izolo ngizame ukuthumela umngani wami isipho ngisebenzisa yona kodwa umshayeli wakhetha ukusintshontsha futhi waqamba amanga wathi usibuyisele kimi”, kubhala u-Cassper.
Uthe lesigameko simcasule kakhulu futhi uphoxeke kakhulu emuva kokwenza into eyigugu kumngani wakhe. Uthe umshayeli ambize ngo-“Dymon” uqambe amanga wathi impahla abemnike yona uyibuyisele kuye, yize ingazange itholakale emuva kwamahora angu-24.
“Cabanga isipho esibiza kanjani. Lonakele usuku lwami futhi koneke nolukamngani ngoba bemagange elindile. Angisophinde ngisebenzise i-Uber ukuthumela izimpahla”, kusho yena.
Uthe akusikho okokuqala ebhekana nalenkinga ne-Uber.
“Lento ike yenzeka bentshontsha ukudla izikhathi eziningi. Udoti nje”.
Ngesikhathi kwenziwa lombiko abe-Uber bebengakaziphenduli izinsolo ezenziwe U-Cassper.
Abalandeli bakhe abebephundula umbhalo wakhe bamdabukelile ngesehlo esimehlele, abanye benxusa ukuba abe-Uber benze okuthile ngalokhu.
