EZEMFUNDOEZISEMATHENIIzindaba

URamaphosa ufuna kuqiniswe imithetho elawula ukusebenza “komalume” abathutha izingane zesikole

EMUVA kwengozi ethathe impilo yezingane eziyishumi nambili (12) e-Vanderbijlpark eGoli, umengameli wezwe, uMnuz. Cyril Ramaphosa usezwakalise ukuthi ufuna kuqiniswe imithetho elawula izithuthi ezihambisa abafundi ezikoleni ezishayelwa ababizwa ngo”malume”.

Lenkulumo kamengameki iphinde yagcizelelwa izikhulu zikahulumeni, ezithe lokhu kuyaphuthuma futhi kubalulekile ukuthi izimoto ezithwala ikusasa leNingizimu Afrika zilawulwe ngemithetho eqinile, zeluswe ngokuyikho futhi baziwe bonke abenza lokhu.

NgoMsombuluko kwenzeke imbedumehlwana ngesikhathi imoto ethutha abafundi izama ukudlula izimoto ezine okuhlanganisa neloli kanti izoshayisana nalo. Kune video esisabalele ezinkundleni zokuxhumana ethathwe kwi-camera efakwa ezimotweni ebizwa phecelezi nge-dashcam okuyiyo ebonisa imoto ethwala abafundi izama ukudlula izimoto ebizilandela. Ingene emgwaqeni ohamba izimoto ebeziphambana nayo okuyikho okuholele engozini.

Esithangamini sabezindaba ebesihlelwe uhulumeni waseGauteng ngoLwesibili, undunankulu wesifundazwe uMnuz. Panyaza Lesufi utshele abezindaba ukuthi umshayeli obeshayela imoto ebithwele abafundi ubesebenzisa i-Professional Driving Permit (PrPD) esiphelelwe isikhathi. Bathuke kakhulu abazali bezingane ngesikhathi bezwa lokhu.

Esithombeni: Abantwana besikole begibela emotweni ebathuthayo ukuya nokubuya esikoleni

Ekhuluma emhlanganweni obizwa nge-Basic Education Lekgotla, obuse-Boksburg eGoli, uMnuz. Ramaphosa uthe ugcizelele kakhulu ukuphuthuma kokuqikelelwa ukuthi luyasetshenzwa udaba lwezithuthi ezihambisa abantwana ezikoleni.

“Ngizoyalela ungqongqoshe wemfundo eyisisekelo nowezokuthutha ukuthi kebecubungule ukuthi singenzenjani ukuvikela izimpilo zabantwana bethu. Abantwana bethu bayikusasa, futhi bayigugu elibalulekile esinalo njengesizwe”, kusho uMnuz. Ramaphosa.

Umshayeli wemoto ebithwele abafundi oneminyaka engamashumi amabili nambili (22) ubanjiwe waboshwa ngamacala ayishumi nambili okubulala ngokungenhloso nelokushayela budedengu. Uzovela enkantolo, i-Vanderbijlpark Magistrate’s Court namuhla (ngoLwesine).

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com