Izindaba

Uxhoshwe ikhasimende ku-Marketplace obedayisa impahla ngo-R200k

Umnikazi wendawo yokucwala izinwele eCape Town eWestern Cape, uNazia ukhala uyazithulisa emuva kokuthi exhoshwe ikhasimende abelidayisela eminye yemishini asebenza ngayo ngo R200 000. Kuthiwa uNazia ufake isikhangiso salo mshini i-laser hair removal esebenzisa inkundla okudayiswa kuyo kuFacebook, i-Marketplace.

Kukhona umthengi okhombise ukuba nothando lokuthenga lo mshini wabe esexhumana noNazia.

Ekuxhumaneni kwabo, bavumelene ngokuthi ikhasimende lifake imali kwi-account kaNazia bese yena ethumela umshini nge-courier. Umthengi lo uthumele isithombe sikamazisi wakhe kuNazia ngenhloso yokuthi amethembe nokuvele ngokuhamba kwesikhathi ukuthi esomunye umuntu ongazi lutho ngobekwenziwa.

Umyalezo owubufakazi bokuthi imali yomshini isithunyelwe kwi-account kaNazia ungenile kanti kungena ingqulathi yomyalezo owenziwe ngobugebengu

Uma echaza uNazia uke wathi ukusola ukuthi uyaxhoshwa eseyithumele impahla, wabe esethumela umyalezo kwa-DSV okuyinkampani ebihambisa umshini kwikhasimende lakhe kodwa bese ushiwe kudala ekhelini lomuzi ongahlali muntu. Ihhovisi lakwa-DSV alikwazanga ukushintsha umyalelo kaNazia ngesikhathi awufake ngaso njengoba umshayeli wemoto ebiphethe umshini egcine engakwazanga ukujika nempahla abeyihambisa.

Kuthintwa abakwa-DSV ukuthi esimeni esikanje ikhasimende angeke linxeshezelwe ngalutho yini ngoba liwenzile umzamo wokuthi impahle ingaqhubekeli phambili, kuphendule uRalton Moses oyiManaging Director wathi: “I-DSV yenze okufanele njengokuyalwa ikhasimende. Ikhasimende alivumanga ukukhokhela imali yesimo esingavela uma kwenzeka iphutha noma isehlo ebesingalindelekile ukuze linxeshezelwe. I-DSV izoludlulisa lolu daba ehhovisi layo lezinxephezelo kubonakale ukuthi isicelo sizokwamukeleka yini. Uma impahla isisendleleni, akulula ukuthi ijikiswe noma kushintshwe ikheli”.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com