
UNtombi uzonyakazisa impilo ka-Faith ku-House of Zwide
UMLINGISI odabuka KwaMashu, eThekwini uHlengiwe Lushaba Madlala uthole ithuba eliyingqayizivele lokulingisa emdlalweni oyintandokazi kubabukeli, i-House of Zwide azodlala kuyo indawo yenkosikazi yokuqala kaKhulubuse, uNtombi.
Kulindeleke ukuthi kushubise izinto empilweni ka-Faith ukufika kukaNtombi kulo mdlalo oboniswa ku-eTV phakathi nesonto.
U-Faith olingiswa u-Winnie Ntshaba ungusomabhizinisi ophumelelayo futhi oyaziyo into yakhe kodwa ongahanjelwa kahle izinto kwezothando. Emuva kokuhlangana noKhulubuse ubesezitshela ukuthi usethole umaqondana wakhe ozomnika uthando olunguhlukanisiwe kanti akabuzanga elangeni.
Njengoba noma yini empilweni nayo indlela yokuziveza, kuvelile ukuthi uKhulubuse uganiwe okusho ukuthi u-Faith mayeqhubeka nobudlelwane bakhe naye kuzomele angene esithenjini.
Nakuba kucaca ukuthi kusazoshuba kodwa uNtombi ukhombise ukungabi nankinga nokuhlangana no-Faith, bazane njengabafazi bendoda eyodwa.
UHlengiwe akamusha kumabonakude njengoba eke walingisa emidlalweni ehlukene okuhlanganisa i-My Brother’s Keeper, Gaz’Lam, Lingashoni, Tjovitjo neminye.
Useke walingisa nasemidlalweni ye-theatre okuhlanganisa othi Ruined, Far from the Madding Crown, Lost in the Stars, Hairspray neminye.
Ngale kokulingisa ubuye abe umdansi phecelezi i-choreographer
