EZISEMATHENIIzindaba

Udedelwe nge-bail ka-R5K okhwabanise R1.9M esasebenza e-Standard Bank

OWESILISA owayesebenza emnyangweni we-Information Technology (IT) ebhange i-Standard Bank udedelwe nge-bail ka-R5000 emuva kokuvela enkantolo, i-Johannesburg Magistrate’s Court ngecala lokukhwabanisa nokwebela ibhange imali engaphezu kuka-R1.9 million.

Kuthiwa u-Vivian Brink oneminyaka engamashumi ayisithupha (60) usebenzise isikhundla sakhe emnyangweni we-IT ukwenza ubugebengu bokukhwabanisela ibhange phakathi kukaMasingana (January) 2014 kuya kuLwezi (November) 2017.

Imininingwane yaleli cala ivele ngesikhathi evela enkantolo, lapho abashushisi bedalule ukuthi uphenyo lusaqhubeka.

Inkantolo inqume ukumnika i-bail ngaphansi kwemibandela ethile, kanti kulindeleke ukuthi abuyele e-Palm Rigde Commercialised Crimes Court maduze njengoba icala selithuthelwe khona.

Ibhange i-Standard Bank alikaphawuli ngalolu daba, kodwa kuqinisekisiwe ukuthi lisebenzisana neziphathimandla zomthetho.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com