EZISEMATHENIIzindaba

Unkosikazi uhlanganyela uMalema nezinkinga, usefake amaphepha esehlukaniso

NGOKUSHO kwe-blogger, uMusa Khawula uMantwa Matlala usekhathele amanyundululu nezinkinga ezibhekene nomyeni wakhe ongumholi we-EFF, uMnuz. Julius Malema njengoba esenqume ukufaka isehlukaniso somshado.

UMalema ushade ngokwesintu noMantwa ngoZibandlela 27, 2014. Lo mshado owawuseSeshego ePolokwane wawuthanyelwe izicukuthwane eziphezulu, amalungu emindeni kanye nomakhelwane babo.

Ngokwemithombo esondelene nalaba, uMantwa uphume ngo-2025 emzini wabo ose-Bryanston, enyakatho yeGoli.

“Uhambe ngo-2025 kulo muzi abebehlala kuwo e-Bryanston”, kusho umthombo.

“Kade wonakala lo mshado kodwa into yabo bayifihlile. Njengoba uMalema esahamba namacala kufanele bebonakale bendawonye emphakathini njengabashadikazi.

Esithombeni: Kungesikhathi izinto zisahamba kahle kuMantwa Matlala nomyeni wakhe, u-Julius Malema

“Abafuni ukudonsa amehlo abantu”, kusho umthombo.

Ngokusho kukaMusa Khawula okuhambise kakhulu uMantwa ukuqonywa komyeni wakhe osekumumi emphimbo njengoba sekuze kwambangela nokhwantalala.

UMalema ubhekene necala elingamgweba iminyaka eyishumi nanhlanu (15) e-East London Magistrate’s Court. Ugcine ukuvela kuyo le nkantolo ngomhlaka-27 Masingana (January) 2026 lapho bekuqala ukwethulwa kwesigwebo sakhe njengoba alahlwa amacala okuhlanganisa elokuqhumisa isibhamu emphakathini ngesikhathi iqembu lakhe linombungazo eSusa Dukashe Stadium, eMdantsane ngo-2018.

Ngesikhathi kuqhubeka isigaba sokuqala sokwethulwa kwesigebo usonhlalakahle u-Jessie Thompson watshela inkantolo ukuthi uMalema wayengaqondile ukwenza ubugebengu ngesibhamu futhi akekho owalimala, waphinde waxwayisa ukuthi uma engaboshwa kungaphazamiseka kabi umndeni wakhe njengoba enezingane ezintathu; eneminyaka eyishumi lesishiyagalolunye (19), eyishiyagalolunye (9) nenye eneminyaka eyisikhombisa (7), abalandeli beqembu bakhe kanjalo nemisebenzi yomphakathi ayenzayo.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com