
Bahlaselwe umkhuhlane abe-Chiefs ngaphambi komdlalo ne-Sundowns
NJENGOBA engakaze adliwe emidlalweni yawo ye-Betway Premiership amaqembu amabili amakhulu kuleli, i-Kaizer Chiefs neMamelodi Sundowns, namuhla njengoba ebhekene abalandeli bawo belindele ukuthi aqhubeke nomgqigqo wawo.
Akwaziwa mbhantshi kujiya kodwa zingase zibalahlise ithemba abe-Chiefs izindaba ezidalulwe isekela mqeqeshi wayo, uCedric Kaze.

Esithombeni: Umqeqeshi we-Kaizer Chiefs, u-Cedric Kaze
Lo mqeqeshi ongowodabuka eBurundi uthe bakulungele ukudlala neMamelodi Sundowns yize kuhlasele umkhuhlane eqenjini.
Uthe uthemba ukuthi kuzothi kushaya isikhathi somdlalo wonke umuntu uzobe ekahle.
Njengamanje i-Chiefs ihleli endaweni yesibili (2) ku-log ye-Betway Premiership bese i-Sundowns ibe sendaweni yesine (4).
I-Chiefs okuyiyo ezobe idlala ekhaya ibhale ekhasini layo lika-Facebook ukuthi nakuba edayise aphela amathikithi angu-60 000 kodwa emuva kokuxhumana nezinhlaka ezifanele isinqume ukudedela amanye amathikithi angu-15 000 azodayiswa.
Ibe isixwayisa abalandeli ukuthi amasango azovulwa ngokugamanxa kwehora lesine (16:30) ntambama futhi awekho amathikithi azodayiswa enkundleni.
Umdlalo use-FNB Stadium ngokugamanxa kwehora lesikhombisa (19:30) kusihlwa ngoLwesithathu. Uzovezwa ku-SABC 1 naku-Supersport PSL (Channel 202).
