
Ungene ku-2026 eseyinjinga owine R65 million we-Lotto
UTHOLE isibusiso ngosuku lokuqala onyakeni umuntu obedlale i-Lotto obekuzokwenziwa u-draw yayo ngoLwesithathu obekuwusuku lokugcina ku-2025.
Izinombolo eziwinile kule-draw o-4, 5, 10, 16, 22, 45 kwathi ibhonasi kwaba u-25.
Kube uyena yedwa lomuntu obambe izinombolo eziwinile wakhala wemuka nesamba semali engu-R65 186 997.
Abanye abantu abathathu (3) babambe izinombolo ezinhlanu (3) kuhlanganisa nebhonasi bawina imali engu-R25 844, kwathi abanye abangu-34 babamba ezinhlanu bathola R3 547.
Ngonyaka odlule bakhona abantu ababambe izizumbulu zemali ze-Lotto kuhlanganisa nowase-Western Cape obambe R163 million ngoMfumfu.
