Izindaba

U-Sandy B ugeqa amagula ngokwenzeka kuhlukanisa unyaka ingoma ka-DJ Hlo oKhozini

UMCULI waseThekwini ophinde abe umdidiyeli wezingoma, uSandy B usedalule okwenza ingoma ka-DJ Hlo ethi Isibani yadla umhlanganiso ezingomeni eziyishumi ezaziqokelwe ukuhlukanisa unyaka oKhozini ngo-2022.

U-Sandy B owaduma kakhulu ngama-90’s enza umculo weKwaito akaqali ukuchaza ngokwenza lengoma yahlukanisa unyaka yize yayingabhekiwe njengoba abaningi babengayazi.

Abantu abaningi ababekhuluma futhi bebhala ezinkundleni zokuxhumana babethi bathuka ngesikhathi umsakazi ememezela lengoma phakathi kwamabili ngoba babengayazi futhi bengakaze beyizwe.

USandy B ubhale ekhasini lakhe lika-Facebook ukuthi mningi umsebenzi owenziwa ukuze ingoma ethi Isibani ivotelwe kakhulu. Uthe uyabona ukuthi kukhona abasazibuza ukuthi uHlo wathushukaphi.

Uthe yena njengoba esebe semculweni iminyaka engamashumi amathathu (30), abaculi abaningi beza kuye bezofuna usizo ngomkhakha womculo. Kuyena kwafika isoka likaHlo ebeluwumngani wakhe omkhulu lamcela ukuthi amlekelele ngenxa yesipiliyoni anaso emculweni.

“Ngo-2019 uHlo ubenentshisekelo yokuba u-DJ, waya kofunda ukudlala kodwa kwaba ilesikhathi amaPiano esanda kufika. EThekwini bekusavimbanise iGqom laba abakuyo bengafuni amaPiano avelele.

“Ngacelwa isoka likaHlo ukuthi ngisize lapho engingasiza khona ukumenza aziwe njengomuntu onesipiliyoni. Njengomngani wami ngavuma ukusiza”,

Uthe kube sekuqala umshikashika wokwenziwa kwama-single abadidiyeli bomculo abanesipiliyoni kulo mkhakha. Phakathi kwabo kukhona o-Lady Du, Rethabile, Kay Gee, uBizizi nabanye.

Kwenziwa ama-video afakwa eziteshini zikamabonakude. “Amanye alama-video ngiyavela kwamina kuwona”, kusho u-Sandy B.

Uthe ngaleso sikhathi uHlo ubeqashwa kakhulu eGoli ngesikhathi eThekwini besabamba beyeka. Uthe izingoma zangena zonke emisakazweni.

“Ngo-2021 senza ingoma kaHlo ethi Festive eyayino Bizizi no Kay Gee, nayo yadlalwa kakhulu okwathi makuphela unyaka yaba ku-Top 20 yoKhozi FM, yaba kunombolo-5. Okusho ukuthi abaningi abawulalelanga lonombolo-5?”, kubuza u-Sandy B.

“Kuthe ngo-2022 kwenziwa i-single ethi Isibani, yangena emisakazweni yaze yafika kuhlu lwezingoma ezizokhethwa okumele zivotelwe kwezingangena ku-Top 10 yokuhlukanisa unyaka.

“Balubona abantu loluhlu futhi akekho owayebuza imibuzo yokuthi ubani ke lo?”.

Uthe baqala ukusebenza umshoshaphansi benxenxa abantu ukuthi bevotele lengoma ezikoleni, ema-rank amatekisi ko-Bree Rank, Mai Mai, emakhaya, ezinduneni, emakhosini, kuphi nakuphi.

“Nansi imfihlo engangihlome ngayo, noma ungaya kuphi ucele abantu abangakwazi ukuthi banikele ngevoti, uma nje bekubona ukuthi khona okuzamayo bazokuxhasa.

“Njengeciko elizimele futhi eselikwaze nokuziphusha ebalazweni lomhlaba ngaphandle kokuzigqamisa ngendlela ejwayelwe abantu, ngiyazi ukuthi muputshuka la nala uyafika entambeni”, kusho u-Sandy B.

Uthe abaculi abadumile bathembe ukuthi abantu bazobavotela ngoba bayaziwa. Uthe angabheja yena ukuthi abantu abaningi abazivotelanga izingoma ababezifisa kodwa bayakhalaza kuphela.

“Ngesikhathi ngihola lomkhankaso ngangifuna ukukhombisa ukuthi akekho umuntu obekelwe ukukhonya le esicongweni salesicoco. Nawe mufuna ungafika, akusondawo ebekelwe umuntu othile leya”, kusho u-Sandy B.

“Noma ubani angakwazi futhi uma umuntu ubungamazi khona isikhathi la uzomazi khona”.

Uthe ngesikhathi u-DJ Hlo edla umhlanganiso ngengoma yakhe, wathuka kwasayena ukuthi kanti usebenze kangaka.

“Sasibheke ku-Top 5 hhayi kunombolo-1”, kusho yena.

Uthe emuva kokunqoba kwale ngoma ama-group amaningi abaculi ezinkundleni zokuxhumana aqala enxenxa abantu ukuthi ukuthi balwe nokunqoba kwale ngoma. Uthe akukho mali eyatholwa u-DJ Hlo kodwa bazuza lukhulu njengoba ingoma ethi Isibani yadlalwa kakhulu ezinkundleni zomculo, walandelwa kakhulu kumakhasi akhe ezinkundleni zokuxhumana futhi namanje kusakhulunywa ngaye ukuthi ubani lo owathushuka kungazelele muntu.

“Kuba kuyena-ke umuntu ukuthi ukusebenzisa kanjani lokho, kodwa mina owami umsebenzi wawusuma kanjalo”, kuphetha u-Sandy B.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com