EZASEMGWAQENIIzindaba

Umshayeli obanjwe edakiwe ushayise inqwaba yezimoto neyamaphoyisa

UMSHAYELI wemoto eyi-van ubanjwe amaphoyisa edakiwe emgwaqeni u-N3 qede wenza umonakalo emotweni yamaphoyisa emuva kokuhlehlela kuyo.

Ngaphambi kwalokho amaphoyisa e-Road Traffic Inspectorate (RTI) abencizwe ngumuntu wesifazane ngowesilisa odakiwe omshayelisa kabi emgwaqeni.

Aphuthumile amaphoyisa endaweni abeyalelwe kuyo ilona wesifazane ayibona imoto eyi-van iMahindra emhlophe ku-Chota Motala Road.

Athe mayembopha amaphoyisa walwa nawo wabaleka.

Ngesikhathi ebaleka imot yakhe ishayise inqwaba yezimoto emgwaqeni u-N3.

Uqhubekile washona ngase-Howick washayisa imoto ngaphambi kokungena emgwaqeni u-R103.

Ube esegudlukela ku-Hilton Avenue nakhona washayisa enye imoto encane.

Kugcine kulimala lesifazane, uPhiwokuhle Ndabezitha okuyilo elikwaze ukumbamba lomsolwa.

Uboshiwe umsolwa, uzobhekana namacala okushaya nokubalekela ingalo yemthetho. Uzophinde abhekane namacala okushayela budedengu.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com