EzosaziwayoIzindaba

UMseleku uvikele indodakazi yakhe ebigxekwa ngokumitha njalo

INDODA edume ngohlelo lwesithembu kumabonakude, uMusa Mseleku uthe amadodakazi akhe ayefana kuyena, ayikho engcono kunenye.

Ukhulume kanje ephendula ukuphawula kwabantu abehlukene ezinkundleni, lapho abebeqhathanisa khona amadodakazi akhe emuva kokuba amabili ethweswe iziqu zemfundo, kwathi enye kwavela ukuthi izithwele.

U-Abongwe Mseleku usanda kuthweswa iziqu ze-degree kwi-Film production e-Afda Film School, kanti udadewabo uMpilo Mseleku ubethweswa ezakhe iziqu e-University of KwaZulu-Natal ngonyaka odlule.

Ngakolunye uhlangothi uSne Mseleku yena ungundabamlonyeni emuva kokudalula ohlelweni Uthando Nesthembu ukuthi uzithwele, nosekungokwesithathu manje.

Babhalile abantu ezinkundleni zokuxhumana beqhathanisa amadodakazi kaMseleku, bencoma amabili athweswe iziqu begxeka esikhulelwa okwesithathu manje. Abaningi bebebuza ukuthi kungani uSne engenzi njengabanye odadewabo.

Nakuba uMseleku eke wayigxeka naye indodakazi yakhe ngokukhulelwa ingashadile, kodwa kulokhu uthathe uhlangothi lomndeni wakhe.

Ufake izithombe zawo omathathu amadodakazi akhe, wase ebhala ukuthi onke angawakhe noma abantu bengathini.

“Lezi zonke izingane zami ezinhle. Linye isende noma ngabe igogodile noma cha, kodwa ekugcineni kosuku zivela emndenini owodwa. Ngakho ukuqhathanisa kwenu akusho lutho kimina”, kusho yena

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com