Izindaba

KUNCONYWE AMAPHOYISA EBOPHA ABAHLANU ABEBEHLOME BEZINGOVOLO EMANDENI

ABANTU baseMandeni babonga umsebenzi omuhle owenziwe amaphoyisa ngesikhathi ebopha abasolwa abahlanu abatholakale bephethe izibhamu nezinhlamvu ngesikhathi eqhuba uhlelo lwemvimbamgwaqo emgwaqeni u-P459 ngakwa-Sappi khona eMandeni, KwaZulu-Natali.

Ngokubika kwekhasi lezindaba EzaseMandeni amaphoyisa amise imoto emhlophe eyi-Toyota Avanza ibinabesilisa abahlanu kuyo. Ngesikhathi amaphoyisa esesha imoto, abasolwa batholakale bephethe izibhamu ezinhlanu nezinhlamvu eziningana.

Uphenyo lokuqala luveze ukuthi isibhamu esisodwa kwabebeziphethe esikamufi, esinye sebiwa eNtuzuma kanti esinye sebiwa e-Sandton eGoli, ezimbili izibhamu zitholakale zesuliwe izinombolo eziveza ubunikazi.

Abasolwa, abaneminyaka ephakathi kwengu-23 kuya ku-31 ubudala, bazovela enkantolo yemantshi yaKwaDukuza ngoMsombuluko, ngamacala okutholakala nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni, nokutholakala nezibhamu ezebiwe.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com