EZEMISAKAZOIzindaba

Umsakazo we-SABC uxoshe umsakazi ngokubuza umbuzo ocasule isikhulu sikahulumeni

UKUBUZA umbuzo ‘ongafanele’ kuxoshise emsebenzini u-Clifford Mehale ongumsakazi wezemidlalo emsakazweni ongaphansi kwe-SABC, iThobela FM.

Esithombeni: U-Clifford Mohale

UMehale umiswe isonto elilodwa ehleli ekhaya ngecala lokuhluleka ukuqhuba ingxoxo ngendlela ‘efanele’.

Uxoshwe emuva kokubuza isihambeli sakhe ngohlelo olusetshenzisiwe ukuhlonza abanqobe umncintiswano wezindondo wesifunda, i-Regional Sports Awards abaningi abakholwa ukuthi umphathiswa wezemidlalo eLimpopo, u-Jerry Maseko wenzelele kakhulu.

Kusolakala ukuthi Maseko uzwakalise ukunganeliseki kwakhe kubaphathi ngokubuzwa kwalombuzo base bethatha izinyathelo.

I-SABC isikuqinisekisile ukuthi nebala lomsakazi usakhishiwe ezinhlelweni ngenxa yodaba lwangaphakathi olumayelana nokwephula imigomo womsakazo.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com