
Ufundiswe isifundo esinzima obewaka abantu ezenza umsebenzi kahulumeni ebathembisa, izindlu, imisebenzi, nama-tender
UGWETSHWE inkantolo yasoBombo, uBombo Magistrate’s Court eMkhanyakude izinyanga eziwu-6 etholoza ejele noma akhiphe inhlawulo ka-R10 000, uNosipho Mathenjwa ngokuqola inqwaba yabantu imali ebawaka ngamanga ethi usebenza emnyangweni wezokuhlaliswa kwabantu esifundazweni saKwaZulu-Natali.
Kuthiwa ubebathembisa imixhaso, umsebenzi nokubadizela ngama-tender.
Inkantolo imzwele yathi uma ekhetha ukuhlawula ngo-R10 000 bazomephulela u-R5000 okufanele zingakapheli izinyanga ezintathu, uma ehlulwa ilokho aqhubeke nesigwebo sika-6 months asinikiwe.
Lesi sigwebo samukelwe umphathiswa womnyango wezokuhlaliswa kwabantu, uSboniso Duma, oxwayise nabanye ukuthi bengazami ukwenza njengoNosipho ngoba izembe liloliwe.
Uthe uma kukhona obona kwenziwa ubugebengu emnyangweni wakhe abubike, ngeke benanaze ukubopha abathintekayo. Umkhaya.co.za
