EzosaziwayoIzindaba

UMlindo The Vocalist uchitha amahlebezi okuthunjwa usomabhizinisi odumile

ISIHLABANI se-Afropop kuleli, uLindokuhle “Mlindo The Vocalists” Mgenge usechithe izinsolo ebezisabalele zokuthi yena ne-band yakhe bebethunjwe usomabhizinisi osondelene ne-ANC, u-Solly Soka Madibela odume ngelika-“My Sol”.

Lezinsolo zisabalale emuva kombiko weziko lezindaba, iYanos Magazine obuthi laba bathunjiwe ingakho bengafikanga emcimbini abebeqashwe kuwona.

UMlindo uthe isizathu esibenze bangafika kulo mcimbi kwaba ukuphambanisa isikhathi okwakumele benandise ngaso.

“Akusikhona ukuthi ithimba lethu lathunjwa. Ukuphambana kwesikhathi ikhona okwenza ukuthi sifike sekwedlule isikhathi e-Heartebees ePolokwane. Ngaxhumana nomgqugquzeli womcimbi ngifuna ukumbuyisela imali ngeshwa wayinqaba”, kusho uMlindo.

“Sifisa ukuxolisa kakhulu kuzo zonke izinhlaka ezathintekayo ngokungafiki kwethu. Ngokuzithoba sicela abezindaba bahlukane nokusabalalisa ulwazi olungamanga ngoMlindos no My Sol. Ngicela nazi ukuthi ngeke singabaze ukuthatha izinyathelo zomthetho uma kuqhubeka ukusabalaliswa kwezinsolo ezingamanga”, kuphetha yena.

U-My Sol usanda kunconywa unobhala we-African National Congress (ANC), UFikile Mbalula emcimbini waleli qembu i-January 8 Statement obuse-North West.

UMbalula watshela izinkumbi zabalandeli be-ANC ababehambele lo mcimbi ukuthi u-My Sol ungumuntu wokunconywa ngoba uzuze ngaphansi kukahulumeni went wentando yeningi kodwa akakhohlwa ilapho aphuma khona.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com