
OwoKhozi FM uthi alikho iphutha uma egqunywa ejele uMalema
UMSAKAZI woKhozi FM, uNco Dube uthi kuyobe kungelona iphutha ukuboshwa komholi we-EFF, uMnuz. Julius Malema. Uphinde wathi ukubhekana kwakhe nomphumela wezenzo zakhe kuyobe kubonisa ubuholi ahlezi ebufuna kwabanye.
Usho kanje ebhala ekhasini lakhe lika-Facebook ngoLwesihlanu.
UMalema ubhekene necala lokuqhumisa isibhamu emphakathini ngesikhathi iqembu lakhe linombungazo e-East London ngo-2018.
Isigwebo saleli cala singafika eminyakeni eyishumi nanhlanu (15).
NgoMfumfu 2025, imantshi u-Twanet Olivier yathola uMalema enecala lokuphatha isibhamu nezinhlamvu ngokungekho emthethweni, ukuphula umthetho wokulawulwa kwezibhamu kanye nokuqhumisa isibhamu emphakathini.

Esithombeni: Abalandeli be-EFF baphume ngezinkani ukuzoseka umholi wabo e-East London
Owayengunogada kaMalema futhi owayeboshwe naye, u-Adriaan Snyman waphunyuka kuleli cala ngenxa yokushoda kobufakazi obumhlanganisa nalo. Nokho okuxakayo ngoba isibhamu esasisetshenziswa uMalema sasivela kuyena.
Omunye wayengalindela ukuthi u-Synman abekwe icala lokuhluleka ukuvikela isibhamu ngokomthetho wokulawulwa kwezibhamu, ngokusidlulisela kumuntu ongenayo i-licence yokusiphatha.
Uma sibuyela odabeni lukaDube, uthe ukuboshwa kwalo mholi wezitoyitoyi kuyoba imbedumehlwana ngoba ungomunye wabaholi abaneqhaza elibonakalayo kuleli esikhathini esiyiminyaka eyishumi esidlule.
“Kuyoba imbedumehlwana Uma u-Julius Malema efakwa ejele. Ungomunye wabaholi abaneqhaza elibonakalayo kuleli esikhathini esiyiminyaka eyishumi esidlule. Kodwa kuyobe kungeyoba into eyiphutga.
“Umfo, wangena e-stage emcimbini womphakathi waqhumisa isibhamu. Icala lelo.
“Ithuba lakhe leli lokuthi abonise ubuholi ahleli ebufuna kwabanye. Abhekane namacala akhe ngakwenzayo futhi abhekane nomphumela walokho. Abonise okwangempela ukuthi akekho umuntu ongaphezu komthetho”, kusho uDube.
UDube unengosi eyihora ohlelweni lukaKhathide “Tshathugodo” Ngobe olungena phakathi nesonto ngehora lesithathu ntambama (15:00) luphele ngehora lesithupha kusihlwa (18:00) oluthi Woza Nabangani Bakho.
