EZISEMATHENIIzindaba

Umbuso ushiyele kubameli babasolwa “ukudila” no-Kelly Khumalo

NJENGOBA uhlangothi lombuso ecaleni likaSenzo Meyiwa selimemezele ukuthi seluqedile lona ukuphosa imibuzo kofakazi, abaningi abenelisekile ngokungabizwa kwabantu ababesendlini ngesikhathi kubulawa lonozinti we-OrlandoPirates neBafanaBafana.

Phakathi kwabantu ababesendlini, kulindeleke ukuthi liqhubeke nokuba sematheni igama lika-Kelly Khumalo kwazise livele kaningi nangesikhathi kusewumbuso ohola ubufakazi kuleli cala eselidonse iminyaka engaphezu kweyishumi.

Bahlanu (5) abasolwa ababoshwe ngumbuso ngecala lokubulawa kukaMeyiwa okungoFisokuhle Ntuli, Muzi Sibiya, Mthobisi Mncube, Mthokoziseni Maphisa noBongani Ntanzi.

Esithombeni: Abanye babasolwa ecaleni likaSenzo Meyiwa

Efakaza enkantolo i-Pretoria High Court, u-Brigadier Bongani Gininda, watshela ukuthi ngesikhathi ephenya leli cala imininingwane ayithole kofakazi abehlukene kuhlanganisa nezitatimende zabasolwa ababili uBongani Ntanzi noFisokuhle Ntuli, yamenza wahlanganisa umbiko odalula u-Kelly Khumalo njengumsolwa wesithupha (6) kulelicala.

“Ngo-2020 ngafaka isicelo sokubopha u-Kelly Khumalo njengomsolwa wesithupha kuleli cala kodwa sangamukelwa”, kusho u-Brigadier Bongani Gininda.

Ummeli womndeni wakwaMeyiwa u-Advocate Gerrie Nel uthi yize ekholwa ukuthi umbuso awugejanga ngokubopha labasolwa abahlanu kodwa ukholwa ukuthi kunabanye abasolwa okumele ngabe baboshiwe ngaleli cala.

“Ngikholwa ngokungenambandela ukuthi umbuso awugejanga ngokubopha labasolwa, kodwa ngithi kusenabanye okumele baboshwe”, kusho yena.

Ngokubufakazi buka-Brigadier Gininda kunezingxoxo ezigcinwe kwidokodo lecala eliqulwayo ezibe ngoMfumfu (October) 2014 phakathi komsolwa onguBongani Ntanzi no-Kelly Khumalo.

“Ngesikhathi ngiqeda ukukhuluma naye uBongani Ntanzi ngibe sengihamba, ngabizwa amaphoyisa athi kukhona okunye athi ufuna ukukusho. Ngibuyele emuva ngalalela ukuthi uzothini. Ube esenginikwa olwaluthinta abasolwa 1,3,4 no 5 kuleli cala. Uphinde wangitshela ukuthi u-Kelly Khumalo nguyena owayebathume ukuthi bebulale uSenzo Meyiwa”, kusho u-Brigadier Gininda.

NgoLwesine, mhlaka-24 Ntulikazi (July) 2025 abameli babasolwa batshele inkantolo ukuthi bona bazombiza u-Kelly njengoba sekuzoba yibo abazohola ofakazi ngemibuzo.

Icala liyaqhubeka.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com