Izindaba

Umbango Ngomngcwabo Emndenini Ka Ngema

UMNDENI wengqalabutho yemidlalo yeshashalazi uMbongeni Ngema uqinisekise izindaba zokuthi uhlukene phakathi ngokuthi uzofihlwa kuphi. Kunohlangothi olusemzini wakubo oseNhlwathi oluthi uNgema wazisholo yena ukuthi uma esengasekho uyothanda ukungcwatshwa lapho inkaba yakhe yawa khona kanti abanye bashaya phansi ngonyawo bathi kuphi khona! Lokhu sekwenze uHulumeni wadideka njengoba kumele kuqhubeke izinhlelo zomgcwabo kwazise bese kumenyezelwe ukuthi uzohlonishwa ngohlelo lomngcwabo kaHulumeni wesifundazwe oluyisigaba sesibili (2) oluyisipesheli. Kuthiwa kune-video eyaqoshwa umufi esho ukuthi ufuna ukufihlwa kuphi kodwa ubuqiniso bayo nezwi elizwakala kuyona kuyangabazeka.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com