EZISEMATHENIIzindaba

Ucela usizo umndeni womshayeli we-Uber odutshulwe washiswa esemotweni eGoli

UMNDENI womshayeli wezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile (e-hailing) uMthokozisi Mvelase usuphumele obala wacela usizo kongaba nalo emuva kwesehlakalo esinyantisayo lapho edutshulwe washiswa ephakathi emotweni abehamba ngayo ngaphandle kweMaponya Mall eSoweto, eGoli ngoLwesithathu.

Lomndeni kaMvelase odabuka eNhlungwane, oLundi, enyakatho yesifundazwe iKwaZulu-Natali ucela ukusizwa ngokuthi umlande eGoli ayiswe ekhaya. UMvelase oneminyaka engamashumi amabili nesikhombisa (27) ubenamasonto amabili (2) efike eGoli kanti bese kuwusuku lwesithathu (3) eqale ukusebenza njengomshayeli kwinkampani yezimoto ekhokhelwa ngebanga elihambile, i-Uber.

Umndeni kaMvelase ozalwa yedwa kwabo uthe bese kuphele iminyaka eminingi ezama amatoho kungalungi, waze wanquma ukuthi ake aye eGoli eyozama khona ukuze asize unina othwele kanzima.

Umchaze njengomuntu osemncane obenesizotha. Ukubulawa kwakhe kwakhe kweyamaniswe nezimpi eziqhubekayo phakathi kosomatekisi nabashayeli bezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile kuleya ndawo.

Emuva kokubulawa kukaMvelase umphakathi uvuke umbhejazane wabhikisha, kwaze kwaphazamiseka ukusebenza kwamabhizinisi nezithuthi kwinxanzathela yezitolo iMaponya Mall.

“Bese bemshiselani sebembulele?” Kubuza elinye ilungu lomndeni.

Lo mndeni uyahluleka ukubhekana nezindleko zokubuyiselwa kwakhe ekhaya. Umalume wakhe uthe abanayo ngisho imali yokumngcwaba. “Okunzima kakhulu asebesitshele khona ukuthi ushe waba umlotha. Bathole ithambo elilodwa kuphela lomlenze.

“Ilo nje esizolingcwaba. Hlampe besizogculiseka ukube bebeshiye umzimba bangawushisa emuva kokumdubula. Njengamanje asinayo imali yokumngcwaba. Asinalutho.

“Asinayo ngisho imali yokumlanda eGoli simuse ekhaya. Sixakekile futhi sididekile”, kusho uKhuzwayo.

Ucele abomthetho ukuba benze ubulungiswa. “Sifuna lezigebengu uzibulele umshana wami ngesihluku esinje ziboshwe. Uhulumeni kumele ayilungise lento. Sifuna ukuhlukana nalesi sahluko. Amaphoyisa awasebenze ngokushesha. Akube nobulungiswa”, kwengeza yena.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com