EzosaziwayoIzindaba

UMbali noBlack Coffee basazogqigqa izinkantolo ngolwesehlukaniso somshado wabo

BASAZOSHUDULISANA ezinkantolo osaziwayo bakuleli, umlingisi uMbali Mlotshwa no DJ odume umhlaba wonke, uNkosinathi “Black Coffee” Maphumulo njengoba udaba lombango wesehlukaniso somshado wabo seluya kwenye inkantolo.

Laba bobabili bebeyizithandani ezingaconsi phansi kubantu eminyakeni edlule.

Muva nje i-Supreme Court of Appeal (SCA) iqinisekise ukuthi izolubheka loludaba oseludonse isikhathi eside lwesehlukaniso salabo saziwayo. Lezindaba zimenyezelwe ngoLwesibili, mhlaka-6 Masingana (January) 2026 nokuyinto enyakazise kakhulu abantu ezinkundleni zokuxhumana.

Kuzokhumbuleka ukuthi uBlack Coffee usanda kufaka isicelo ephikisa isinqumo esikhishwe iGauteng High Court ngonyaka odlule ebesivuna uMbali.

Emuva kweminyaka eyisithupha (6) leli cala linguginqigonqo namanje kubukeka lisekude ukuphela.

IGauteng High Court inqume ukuthi ngenxa yobucayi bemibandela yomthetho ethinta leli cala, kanjalo nezinqumo ezishayisanayo ngokomshado wesintu i-SCA sekufanele kube yiyo enikeza umhlahlandlela.

UBlack Coffee uphikisa isinqumo seGauteng High Court esathola ukuthi yena noMbali bashade umshado wesintu ngoNhlaba (May) 2011. Lo mshado ngokwenkantolo uhlanganise amafa. Iphinde yathola ukuthi umshado wesilungu abawenze ngoMasingana (January) 2017 ubungekho emthethweni.

Esithombeni: UMbali Mlotshwa noBlack Coffee ngosuku lwemethembiso ngo-2010

Lo DJ wodumo lwengoma ethi We Dance Again uyakuphikisa konke lokho njengoba ethi ibamba lejaji, ijaji M. Ntanga lenza iphutha ukunquma ukuthi umshado wabo ubungowesintu. NgokukaBlack Coffee, benza uhlelo lokwethembisa futhi baqopha inkontileka ababezoyilandela ebudlelwaneni babo base benza “into” encane eyayiwukuzibophezela kwakhe (uBlack Coffee) esifisweni sokushada uMbali ngokwesilungu kunokushada ngokwesintu.

Okunye akuphikisayo imali yesondlo okumele ayinike uMbali nyangazonke, athi kumele kuqinisekiswe ukuthi kufanele yini ayithole ngaphambi kokuthatha isinqumo ngalokho.

Ukholwa ukuthi akukho okubambekayo okufakazela izimfuno zikaMbali, njengoba ethi wahluleka ukuchaza isidingo, inani kanjalo nesikhathi okumele asikhokhelwe kwazise vele ikhona imali ayikhokhela uMbali njalo nje.

Uthe isinqumo esithathwe eGauteng High Court sinezigaba ezibalulekile futhi maningi amathuba okuthi i-Supreme Court of Appeal ifike esinqumeni esehlukile.

Njengoba kulindelekile, uMbali uyasiphikisa isicelo esifakwe uBlack Coffee kwi-SCA ngokuthi lo DJ useveze amaphuzu amasha abengakaze athulwe njengobufakazi ngesikhathi kuqhubeka leli cala phambilini. Uthe ubufakazi obethulwe enkantolo buveza ngokusobala ukuthi ubumbano lwabo belulandele zonke izimfuno zomshado wesintu futhi egameni lokuthi wenze yonke imicilikishi eyenziwayo emndenini, waphinda wenza yonke imicimbi yesintu lokhu kugcizelela ukuthi ubezibophezele emshadweni wesintu.

Ukhale ngokuthi ngesikhathi esemshadweni noBlack Coffee impilo yakhe ibambezelekile kwazise ubezinikele kuwona kuphela. Uthe inkantolo beyinqume kahle mayithi imishado yesintu sekufanele inikwe isithunzi kwezomthetho eNingizimu Afrika, waveza nokuthi isicelo sikaBlack Coffee asinawo amathuba empumelelo.

Uthe wayitshela inkantolo ngesidingo sokuthi athole imali yokunakekelwa ngoba impilo yakhe ibimile ngesikhathi esesemshadweni. Uphinde wayihlinzeka inkantolo ngobufakazi bemali ayitholayo, izindleko, izinselelo zempilo, izindleko zasendlini, ukuphuma nokungena kwemali kwi-account yakhe yasebhange.

Uthe ukholwa ukuthi inkantolo ibisivele inqume inani elikahle lemali yokumnakekela, wengeza ngokuthi ngokweminyaka yakhe kulo msebenzi wokulingisa awenzayo akasenawo amathuba.

Ngesikhathi likhipha isinqumo ijaji M. Ntanga lathi into ebalulekile kulolu daba ukuhlola ukuthi zombili izinhlangothi zazizimisele yini ukushada ngokwesintu. Uthe lombuzo uzophenduleka uma enye inkantolo ithola ukuthi lo DJ wayengenanhloso yokushada ngokomshado wesintu.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com