EzosaziwayoIzindaba

UNOTA Baloyi uthi umculo kaBig Zulu awudlisi futhi awulalelwa muntu

BASADIDEKILE abantu abebelalele uhlelo lwe-podcast, i-Music Pulse emuva kokuzwa umdidiyeli womculo ohlale enezigemegeme, uNota Baloyi ehlaba ehlikiza umculo kaBig Zulu.

UNota ubebizwe kulolu hlelo olungaphansi kwe-Podcast and Chill Network kaMac G njengesimenywa nokuyilapho atshele khona abethuli bohlelo ukuthi umculo kaBig Zulu awudlisi futhi awulalelwa.

Ubuziwe ukuthi akayazi yini iNkabi Nation ukuthi inedumela kanjani, wathi lokho inhlanganisela yabaculi abangaphansi kwenkampani eyodwa.

“INkabi Nation inhlanganisela yabaculi abaqopha kwiNkabi Nation Records, uBig Zulu ucula eqenjini iNkabi Zezwe.

Umculo wakhe abawudlali abantu, awudlisi..ngiyavuma uyadlalwa emsakazweni kodwa abantu abawudlali. Ama-streams awakufakazeli ukuthi uyadlalwa..mina nje angiwudlali”, kusho uNota.

Nokho akacacisanga ukuthi ukuthatha kuphi lokhu akushoyo kwazise uBig Zulu ungomunye wabaculi abahamba phambili kuleli.

Uphinde watshela ababukeli bohlelo ukuthi kuphelile ngomculo weLekompo eLimpopo njengoba sekuboshwe uShebeshxt okuyena obewuphusha. UShebeshxt waboshwa ngecala lokuzama ukubulala umuntu emuva kokushayelisana kabi emgwaqeni. Imibiko ithi wadubula lomuntu

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com