
UManzini uchitha imibiko ematanisa umnewabo emizameni yokugembeqa u-Jordaan kwesokungamela i-SAFA
EMUVA kombiko we-City Press obuthi umnikazi woSuthu, uSandile Zulu usephumele obala, waphosa igama lakhe embangweni wesikhundla sikamengameli we-SAFA kube nesasasa ezinkundleni zokuxhumana abalandeli bebhola baKwaZulu-Natali bejabulela lezindaba.
Nokho amathe abuyele kwasifuba ngokushesha ngesikhathi uManzini Zungu ongumnewabo kaZungu ewuchitha lombiko we-City Press.
Kwenzeka konke lokhu nje kulonyaka kuzoba nokhetho lwezikhundla ku-SAFA kanti isikhundla esibhekwe ngabomvu esikamengameli wayo lenhlangano.
U-Danny Jordaan usesiqhoqhobale isikhathi eside lesikhundla njengoba esehlale iminyaka eyishumi nantathu (13). Ukhethwe njengomengameli we-SAFA ngo-2013 emuva kokuhlula uMandla Mazibuko ngamavoti angu-162 kwangu-88.
Ngaphambi kwalokho, ngo-1997 uke waqashwa i-SAFA njenge-CEO.
Okhethweni lwalo nyaka kulindeleke ukuthi aphonselwe inselelo kwazise abaningi bamsola ngokubambezela intuthuko ezinhlakeni zebhola kuleli.
Okwenze abalandeli bebhola abaningi bazijabulela izindaba zokuthi uZungu weqembu laseThekwini, AmaZulu FC ukhonjwa kwabafuna ukuphosela u-Jordaan inselelo.
UZungu ungusomabhizinisi owaziwayo KwaZulu-Natali futhi ongene ebholeni wenza umehluko obonakalayo. Une-gedree ye-Mechanical Engineering kanye ne-masters ye-Business Administration okumenza.
UManzini ubhale kafushane ekhasini lakhe ezinkundleni zokuxhumana wathi: “Amanga amanga.. niyazi khona ukuthi kungenwa kanjani. Siyeke nje ukuthi uyafuna yini. Qhubekani niqambe amanga asinamona”.
