
Umama uhlinze amadodakazi akhe ngommese wagcwala amathafa
BASATHUKILE abantu baseNewcastle emuva kwesigameko esinyantisa igazi sokunqunywa ngommese kwamantombazane asemancane ngunina owazalayo.
Enye ibinezinyanga ezingu-9, enye ineminyaka engu-5.
Izingane zitholwe zinqunywe intamo ngommese ekhaya lakubo.
Kuthe emuva kokuzinquma, umama wazo oneminyaka engu-25 wafonela ubaba wazo ohlala eThekwini, emazisa ukuthi usenzeni.
Ubaba ube esefonela isihlobo sikamama esicela ukuthi siye endlini sobheka ukuthi kwenzekeni.
Isihlobo sithole izidumbu zezingane egunjini lokulala zinqunywe izintamo, umama wazo esebalekile.
Sithole nemmese emibili ifihlwe ngaphansi kombhede.
Amaphoyisa abe eseqalisa uphenyo, oluholele komunye umuzi wakubo kamama oseMadadeni. Amthole kulo muzi enenxeba lokugwazwa entanyeni, ezikhave ngebhandishi.
Uphoswe imibuzo wagcina evumile ukuthi uzigwaze yena, wase eboshwa.
