
UMalema nomkakhe bafuna R1m kuMusa Khawula ngokufafaza amanga ethi umshado wabo uyabhidlika ngenxa yokufeba
BADINWE bagane unwabu abashadikazi, uJulius Malema ongumholi we-EFF nomkakhe uMantwa Matlala njengoba sebememezele ukuthi bafuna ajeze kanzima uMusa Khawula oyi-blogger ngokubhala amanga abathunazayo ekhasini lakhe le-X.
Laba bahlela ukukhokhisa uKhawula u-R1 million ngalesi senzo sakhe.
Bathi lemali bafuna ayikhokhe uKhawula uma ehlulwa ukuxolisa emphakathini ahoxise izinsolo azenza ngabo okuthi umshado wabo ulengela eweni ngenxa yokuthi uMalema uphinga nabesifazane abehlukene.
UMalema nomkakhe basho lokhu encwadini eshisayo edluliselwe kuKhawula abameli babo, i-England Slabbert Attorneys Inc ngoLwesine olwedlule.
Abameli bathe uKhawula ubhale ekhasini le-X ngomhlaka-25 Nhlolanja (February) 2026 ukuthi uMantwa usekhathele amanyundululu omyeni wakhe othanda kakhulu abesifazane.
Baqhubeke bathi emuva kwalokho ebhale ukuthi uMalema uthumele abantu ukuthi bezomkhokhele ukuze angaqhubeki nalolu daba lokuhlukana kwabo.
Abameli bathi lezinsolo ezenziwe uKhawula zibeke esimeni esingesihle amakhasimende abo emphakathini .
“Ngaphezu kwalokho zihlukumeza inhlalonhle yezingane zabo ezincane kanye nezindala njengoba sekukhulunywa ngazo yonke indawo. Okunye lemibiko ilimaza isithunzi sekhasimende lethu, njengomuntu,l phaqa, njengosopolitiki nangokomsebenzi njengoba engumuntu owaziwayo emphakathini”, kusho incwadi yabameli.
Le ncwadi yabameli iqhubeka icacise ukuthi ukulimaza okubhekiswe emakhasimendeni akhe kwandiswa nawukuthi ubhale lezinsolo sengathi ziyiqiniso ngaphandle kokuhlinzeka ngemininingwane ewubufakazi kwakushoyo.
