Izindaba

Umasipala waseKapa uxoshe amaphoyisa angu-35 abephuma ekolishi ehlulwa ukushayela izimoto

INHLOKO yezokuphepha edolobheni i-Cape Town, uMnuz. Alderman JP Smith utshele abezindaba ukuthi baphoqelekile ukuxosha amaphoyisa angu-35 abesanda kuqeqeshelwa ngenxa yokuhluleka ukushayela izimoto.

Uthe umasipala ubukhiphe isikhangiso sezikhala zomsebenzi ewu-1000 wobuphoyisa ngenhloso yokunika intsha ithuba.

Ngokusho kwakhe lentsha inikiwe ithuba ela elanele lokuthuthukisa ulwazi lwayo lokushayela kodwa kwahlanga zimuka nomoya.

U-Smith uthe esikhangisweni sikamasipala bekubhaliwe konke okudingekayo kuhlanganisa nezincwadi zokushayela.

“Bonke bathe banazo, sathi masilandela sathola ukuthi ngempela zikhona futhi zisemthethweni. Kodwa kuxakile uma sebehluleka ukushayela izimoto zethu.

“Uhlelo obekumele bedlule kulo. Bebezokwazi ukushayela izimoto zikamasipala uma bephumelele lolo hlelo. Ngeshwa abangu-35 bahlulekile”, kusho yena.

Uthe kubamangazile ukuthi abantu bethi bekwazi ukuphumelela uhlelo lukazwelonke lokushayela baze bathola izincwadi zokushayela kodwa behlulwe isivivinyo esingatheni sikamasipala.

“Kufanele sinike amakhasimende ethu usizo oluthembekile futhi lwezinga eliphezulu ngakho besingeke sifinyelele lapho uma sivumela laba bebe ingxenye yethu”, kusho u-Smith.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com