Izindaba

UMCULO UBUDLA UMUNYU KUKHUNJULWA U-EDDIE ZONDI ETHEKWINI

NAMANJE usankeneneza ezindlebeni kubalandeli umculo ovuselela uthando nemizwa obubeleselwe o-DJ abebedlala amanoni ezingoma emcimbini wokukhumbula nokubungaza impilo yowayengumsakazi we-Metro FM, u-Edward Makhosonke ‘Eddie” Zondi obuse-Platinum Belt eMhlanga eThekwini ngoMsombuluko.

UZondi ubekhunjulwa ngalolu suku nje, kube nokuqondana njengoba naye edlule emhlabeni kuwuMsombuluko, mhlaka-16 Nhlangulana 2014 ngabo-00:30 eneminyaka engama-46. Ngokwesitatimende somndeni kwavela ukuthi uxinwe ubuhlungu esifubeni nokuyikho okwathatha impilo yakhe.

Ushiye unkosikazi wakhe uPhakamile, izingane ezingu-3 kanye nonina.

Usebenze iminyaka eyi-18 ku-Metro FM enza izinhlelo zomculo opholile obuthandwa kakhulu izithandani nabasithandweni. Udlule emhlabeni enza uhlelo i-Romantic Repertoire obelungena ngeSonto phakathi kwehora le-15:00 kuya kwele-18:00 kusihlwa.

Ngendlela abethanda ngayo umsakazo, kuhluleke usihlalo we-Orlando Pirates, uDkt. Irvin Khoza emnika umsebenzi obuzomkhokhela itshe lemali wokuba umxhumanisi weqembu nabalandeli. Utshele uKhoza ukuthi umsakazo intandokazi yakhe.

Masibuyela kulo mcimbi obuse-Platinum Belt, abantu abebewuhambele abawuvali umlomo ngenxa yamculo ogijima negazi obudlalwa o-DJ kuhlanganisa nabasakazi oSentle Lehoko (Metro FM), Msizi Shembe (Metro FM), Paul Mtirara (Metro FM), Bambo Johnson (Radio 2000) nabanye.

Bekukhona nenkakha u-Daniel Phaks obewaqhulula ededelana amanoni, abantu bachazeka.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com