
Uma lungalusiwe uhlelo lomnyango wezokuthutha lokusabalalisa amabhayisikili lusazokhipha eminye imiphefumulo
KUNGAKAPHELI nesonto abafundi basezikoleni ezingaphansi kukamasipala waseMandeni bethole amabhayisikili, sekunomphefumulo osulahlekile.
Siyayiqonda inhloso yomnyango wezokuthutha kuzwelonke ngalolu hlelo lwawo olubizwa ngokuthi i-“Shova Kalula” lokusabalalisa amabhayisikili ezikoleni, njengoba kuyimizamo yokwenza kube lula kubafundi abahamba amabanga amade uma beya esikoleni. Luyasiza futhi ukuqinisekisa ukuthi abafundi abalovi ezikoleni kanye nokukhuthaza ukuzivocavoca.
Kuyiqiniso eliphikwe ukuthi iningi labafundi abasizakali ohlelweni lwe-scholar transport nalo oluyimizamo yokusiza abafundi abahamba amabanga amade uma beya esikoleni.
Lolu hlelo lwethulwe ngo-2001Kusukela ngonyaka odlule umnyango wezokuthutha kuzwelonke uqalise uhlelo lokusabalalisa amabhayisikili kubafundi bezikole ezweni lonke.
Lolu hlelo olwethulwe ngo-2001, lubonakale luyimpumelelo ezifundazweni ezehlukene kuleli. Lapha esifundazweni saKwaZulu-Natali lubonakale ngonyaka odlule luphushwa isekela likangqongqoshe kulomnyango, uMnuz Mkhuleko Hlengwa.
Njengoba beluqhubeka nakulo nyaka, kubonakale nezikole ezingaphansi kukamasipala we-iLembe zihlomula kulo. Nokho esikoleni esiseMandeni, ku-ward 2 bagqemeke engeqiwa ntwala emuva kwengozi eyenzeke emasontweni edlule lapho kushayisene khona umfundi obefunda eSikhuthele High School obehamba ngebhayisikili nesithuthuthu emgwaqeni u-P415.
Kulesigameko umfundi olimele kanzima sesithole umbiko wokuthi useshonile emuva kokulashwa esibhedlela amasonto amabili.
Sinombono wokuthi yize uhlelo luluhle futhi inhloso yalo iyinhle kodwa sikholwa ukuthi bekumele kuqinisekiswe izinhlelo zezokuphepha, okuhlanganisa nokufundisa abafundi ngemithetho yomgwaqo njengoba bebezohamba kuwo ngamabhayisikili. Lapha emgwaqeni kunezimoto nezithuthuthu ezishayelwa abantu abangakuqeqeshelwe ukuhamba emgwaqeni, kanti abanye basuke beqise kakhulu etshwaleni. Ngakho umnyango bekumele uqinisekise ukuphepha kwabafundi.
Lokhu bekuzohlanganisa;
•Ukuqikelela ukuthi omakalabha nezingubo ezigqamile ukuze babonakale kalula emgwaqeni kuyagqokwa ngaso sonke isikhathi
•Ukuhlolwa kwamabhayisikile ukuqinisekisa ukuthi konke kusebenza kahle.
•Ukuqikelela ukuthi izikole ziyafundisa njalo ngemithetho yomgwaqo nezokuphepha, ngolwazi losizo lokuqala nokuxhumana nabezimo eziphuthumayo
•Ukufundisa indlela ephephile yokuhamba ngebhayisikili emgwaqeni wezimoto
Ukube umnyango ubukwenzile lokhu esikubalayo futhi waqikelela ukuthi kuyenzeka ngabe igwemekile ingozi edlule nempilo yomfundi eMandeni. Umkhaya unolwazi lokuthi kunabafundi abanikwe lamabhayisikili abangakwazi nhlobo ukuwagiwabela, kanti abanye ngenxa yalokho sebewadayisile.
