
U-DJ Sbu uthi imizamo yokubalekela izono ukuninda yena ngobende ngolwenkohlakalo kamasipala waseKurhuleni
AKACHITHANGA sikhathi, wachitha ubufakazi obuyamanisa igama lakhe enkohlakalweni umsakazi we-Radio 2000 ophinde abe usomabhizinisi, uSbusiso “DJ Sbu” Leope.
U-DJ Sbu ukhiphe isitatimende ngoMsombuluko ephendula izinsolo zokuthi yena nosomabhizinisi osondelene ne-ANC, u-TK Nciza bahlomula ohlelweni lukamasipala wase-Ekurhuleni lokuxhasa osomabhizinisi.

Esithombeni: U-TK Ncinza
Lokhu kuvele kuMadlanga Commission ephenya izinsolo ezenziwa umkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Lt. Gen. Nhlanhla Mkhwanazi ngesikhathi owayeyinhloko yezomthetho kumasipala wase-Ekurhuleni, u-Adv. Kemi Behari ethula ubufakazi.
UBehari uthe u-DJ Sbu no TK Nciza bahlomula enkohlakalweni eyayenzeka kulo masipala.
Lapha ubelandisa ikhomishani ukuthi kungani amacala amakhulu ayephenywa ayephelela ezeni okwezithukuthuku zenja.
Uthe amacala amaningi ayephetha ngokuthi kuxoxiswa, yize lokhu kwakenzeka ngaphansi kwenkulu ingcindezi. Wenze isibonelo ngecala le-senior manager eyayibizwa ngoMojapelo icala lakhe elaqedwa kunzima.
Abaningi bathukile esebiza amagama o-DJ Sbu no TK Nciza ukuthi ngesikhathi efuna ukubabiza ukuthi bephendule imibuzo ethile, inhloko emnyangweni wakhe yaliqeda masinya leli cala.
Kubikwa ukuthi u-DJ Sbu no TK Ncinza bahlomula imali engu-R100 000 no R200 000 ohlelweni kukamasipala lokuxhasa osomabhizinisi bendawo.
U-DJ Sbu uthe selokhu kwathi nhlo akaze aziphathe njengesgebengu. “Emsebenzini wami wezokusakaza, owamabhizinisi nasemphakathini ngiziphatha ngobuqotho, obala futhi ngihlonipha kakhulu umthetho. Umsebenzi wami wokusakaza, owamabhizinisi, nokuthuthukisa umphakathi usekwe umgomo wokubeka obala izinto futhi kusizakale abantu.
“Ngikhathazekile kakhulu ngalezi nsolo ezibukeka ziyimizamo yokubalekela ukubhekana nezindaba zangaphakathi nokubhekana nezinselelo zakhe umuntu ngokuthi aqambe amanga azofaka amagama abantu abadumile”, kusho u-DJ Sbu.
Uthe uzosebenzisana nanoma iluphi uphenyo olusemthethweni futhi wamukela konke okuzokwenziwa ngeqiniso, kube nobufakazi nobulungiswa.
Uphethe ngokubonga abalandeli, abalingani nomphakathi ngokuqhubeka nokumethemba.
