EZISEMATHENIIzindaba

Ukolunye ubishi lokuboshwa ummeli owagxavunwa amaphoyisa esenkantolo ecaleni likaSenzo Meyiwa

AZIPHELI izinkinga zommeli osewagunyulwa izimendlela zobumeli, uMalesela Tefu njengoba enukelwa ijele ngamacala amabili; elokucekela phansi impahla nelenkohlakalo.

UTeffo osanda kuqokwa njengenhloko yezobunhloli kwi-Forum for South Africa (FOSA) ukholwa ukuthi uyisisulu sohlelo lwezobulungiswa olukhohlakele.

“Ngibhekene namacala amabili “aphekiwe”, elokucekela phansi impahla nelenkohlakalo. Imantshi ehlalele icala lami, eyibamba lemantshi enkulu, imantshi Vusi Mahlangu owanukwa u-Lt. Gen. Nhlanhla Mkhwanazi ukuthi uyingxenye yegunundu lezigebengu ezigcweleza uhlelo lwezobulungiswa kuleli”, kusho uTeffo.

“Ngingaphandle nge-bail ka-R1000 futhi ngabekwa amacala sengivele ngisejele. Noma ubani ongummangali kwakufanele afake icala lami kwi-Legal Practice Council (LPC). Kunalokho kuhlanganiswe into engekho ngavulelwa amacala. I-LPC iyeza nayo enkantolo i-Pretoria Magistrate’s Court izokwethula ubufakazi obucindezela mina, ngibe ngingenachashazi kuyo”, kuqhuba uTeffo.

Uthe isinqumo esaholela ekutheni akhishwe ohlwini lo-Advocate saba umphumela wobufakazi obuyinkohlakalo obatholakala emaphoyiseni e-SAPS.

“Zonke izinsolo ezahlinzekwa ekuhlanganisenu isinqumo zazivela ehhovisi lesifundazwe lamaphoyisa aseGauteng nase Free State. Umbuso usunofakazi abathathu futhi kufanele uqede ngobufakazi bawo namuhla”, kusho yena.

Uqhubeke wathi: “Angiqondi ukuthi liqhubekelani leli cala njengoba sengihlale izinyanga eziyishumi nesikhombisa (17) emajele ehlukene. Ngihlale izinyanga eziyisishiyagalolunye (9) eKgosi Mampuru II, neziyisishiyagalombili (8) e-Johannesburg Prison (Sun City).

“Noma kunezinsolo ezenziwa uMkhwanazi ngemantshi ephethe icala lami, kodwa ngenza ngabomu ukuthi ngiyiyeke iqedele icala lami. Yacela ukuzisukela esihlalweni esicelweni sokuxegiswa kwemibandela ye-bail esasifakwe u-Lt. Gen. Dumisani Khumalo.

UTeffo wakhishwa ohlwini lwabameli ngomhlaka-16 Mandulo (September) 2022 emuva kokuboshwa ephakathi enkantolo ngoxhaxha lwamacala ngesikhathi kuqhubeka icala lowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa. Kuleli cala wayemele abasolwa ngokubulala lonozinti.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com