
Usezoba umsakazi woKhozi FM olingisa kuZalo
ZIYAQINA izinsolo zokuthi uzoba ingxenye yoKhozi FM uma sekushintshwa abasakazi nezinhlelo ngoMbasa, umlingisi odlala indawo ka-Shaun, ongummeli kaNkunzi Mhlongo (Majota Mzisa) emdlalweni waku-SABC 1, uZalo.
Imithombo engaphakathi oKhozini iphutshuzele abezindaba ukuthi uKini Shandu angase ajoyine lo msakazo ongaphansi kwe-SABC.
UShandu oke wasakaza kwiGagasi FM, kuvele ukuthi igama lakhe elipheli ezikhulwini zoKhozi FM njengoba sekuyisikhathi sokulungiselela unyaka omusha emisakazweni eminingi.
Abalaleli boKhozi sebeqalile ukukhuluma ngalolu daba ezinkundleni zokuxhumana. Kanti iningi liyakuthakasela ukulandwa kwalo msakazi obuye abe umethuli wezinhlelo kumabonakude.
Kuxhunywana nobhekele ezokuxhumana e-SABC ngalolu daba, uMmoni Ngubane uchaze kafushane wathi: “I-SABC iyaqakuqaphela ukulangazelela kwabantu ngezinguquko zoKhozi FM, nokho ifisa ukucacisa ukuthi uma kuba nezinguquko bazokwazisa umphakathi ngezindlela eziqondile zokuxhumana”.
UShandu ebuzwa ngalokhu akafunanga ukuphawula.
