EZASEMGWAQENIIzindaba

UKhuzani useyinxusa le-Jaecoo Motors yase-China

USEJOYINE abanye osaziwayo bakuleli umculi kamaskandi, uKhuzani Mpungose ngokuqokwa i-garage elikhulu lezimoto lase-China, i-Jaecoo Motors ukuba inxusa layo.

Abanye osaziwayo bakuleli abaqokwe ileli garage ukuba amanxusa alo oKwesta noBongani Murdah.

I-Jaecoo inkampani edlise ngezimoto ezinkulu ezibizwa ngama-SUV futhi ezintofontofo phakathi. Phakathi kwezimoto ezithandwa kakhulu ezakhiwa ile nkampani, i-J7 ne J5 ezibiza phakathi kukaR489 900 no R679 900.

Lezimoto ziyababa enjinini kanti zinjalo ziyagijima emgwaqeni. Zikhona kuzona ezihamba ngo-petrol bese ezinye zigcwaliswa ngogesi okuzibeka emakethe enhle kuleli futhi zonga no-petrol.

Ebhala ekhasini lakhe lika-Facebook uKhuzani uthe: “Ngigadwe umhlaba, ngiyigolide lemvelo, Jaecoo Ambassador. Angazinokuthi ngithini ukubonga kuncane”.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com